ZIZOQHUBEKA nokuhlala ezindaweni okuhlala kuzo izitshudeni, ezasemazweni angaphandle ezifunda emanyuvesi akuleli ezingeke zikwazi ukubuyela emazweni azo.
Lokhu kushiwo wuNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, iSayensi nobuChwepheshe, uDkt Blade Nzimande esithangamani songqongqoshe nabezindaba ePitoli izolo. Bekucaciswa ngokuzokwenzeka eminyangweni yabo njengoba izwe selimise konke ngenxa yegciwane iCorona.
UNzimande uthe ukukhishwa kwezitshudeni ezindaweni ezihlala kuzo akwenziwa ngoba amanyuvesi engazicabangeli kodwa bakwenza ukuze kubhekwane negciwane njengokwemiyalelo kahulumeni.
“Noma ngabe yikuphi esikwenzayo silawulwa ukubona izimpawu kanjalo nesimemezelo sikamengameli. Ngokukhishwa kwezitshudeni ezindaweni ezihlala kuzo asisho ukuthi asiziqondi izimo zazo kodwa yingoba sisuke sicabanga ngokumele sikwenze ukuze sigweme leli gciwane,” kusho uNzimande.
Uthe amanye amanyuvesi asiza izitshudeni ngemali yokubuyela emakhaya.
“Imali yeNSFAS esivele isikhokhele izitshudeni ngeke ihoxiswe. Izindlela zesimanje ezisiza ukufunda ngaphandle kokuthi izitshudeni zihlangane emagunjini, amanyuvesi asekulungele,” kusho uNzimande.
Uthe kubalulekile ukuthi kube nezindlela zokucwaninga ukubhebhetheka kwegciwane. Uthe uphiko lomnyango wakhe lweScience and Innovation luzosebenzisa uhlelo lweCouncil for Scientific and Industrial Research (CSIR) ukubheka ukuthi igciwane libhebhetheka kangakanani nendawo abahaqekile abakuyo, okuzokwenza kube lula kumengameli wezwe ukubona ukuthi kuqhubekani ngobhubhane.
Khonamanjalo iNyuvesi yaKwaZulu-Natal isiqinisekise ukuthi kunomsebenzi wayo oyedwa ohaqwe yiCorona.
Esitatimendini esithunyelwe yinyuvesi siveza ukuthi lo msebenzi kutholakale ukuthi uhaqwe yiCorona ngemuva kokuthi kade ehambele umhlangano obuseGoli obuhanjelwe ngabebesuka e- Europe.
Ngokwesitatimende, umsebenzi ubezivalele endaweni yakhe yedwa izinsuku engahlangani namuntu, kusuka ngoMsombuluko owedlule.
Lokhu kuthiwa ukwenze ngemuva kokuqaphela izimpawu zegciwane.“Imiphumela yokuhlolwa kwakhe ivezwe ngeSonto, umsebenzi ube esezivalela lapho ukuze aqinisekise ukunqanda kokubhebhetheka kwegciwane,” kusho isitatimende.
Inyuvesi ithe okwenze umsebenzi wanquma ukuhlolwa, yimibiko ebithi kukhona abanye ayenabo emhlanganweni eGoli, osekuvele ukuthi batholwe benegciwane.