UMFUZISELO womholi we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi osoLundi ovulwe ngonyaka odlule nguBishop Thabo Makgoba kanti i-EFF ne-ANCYL bathi angeke bawucekele phansi ngoba awuhlangene naleyo yabaholi bobandlululo abamhlophe. UMFUZISELO womholi we-IFP uDkt Mangosuthu Buthelezi osoLundi ovulwe ngonyaka odlule nguBishop Thabo Makgoba kanti i-EFF ne-ANCYL bathi angeke bawucekele phansi ngoba awuhlangene naleyo yabaholi bobandlululo abamhlophe.
CELANI SIKHAKHANE
U PHIKO lwentsha ye-ANC esifundeni saseBaqulusini luthathe isinqumo sokuthi ungaphazanyiswa umfuziselo womholi we-IFP, uDkt Mangosuthu Buthelezi esisoLundi njengoba kunomkhankaso wenhlangano yabafundi iSasco wokuba kushintshwe igama lalo mholi esikhungweni esiseMlazi esiqanjwe ngaye.
Unobhala we-ANCYL eBaqulusini uNksz Mpume Sikhakhane, uthe babone kungcono ukuthi bangawuthinti umfuziselo kaButhelezi ngoba abalwa nayo yileyo yabaholi abamhlophe bangezikhathi zobandlululo ababecindezele abamnyama.
“Siye sabheka ngisho ephalamende elidala ukuthi ayikho yini imifuziselo okumele isuswe, sathola ukuthi kukhona neyamakhosi akwaZulu ahlonishwayo emlandwweni wethu njengabantu abamnyama.
“Lona kaButhelezi siwuyeke ngoba sibona ukuthi asikho isidingo sokuwugudluza ngoba silwa nabamhlophe ababecindezele leli lizwe,” kusho uNksz Sikhakhane.
UButhelezi useke wathola ukuhlaselwa ngabaholi be-ANC neSasco bethi akususwe igama lakhe enyuvesi yaseMlazi iMangosuthu University of Technology ngoba kukhalwa ngokuthi wayehola uhulumeni wakhe waKwaZulu ngezikhathi zobandlululo.
Omunye wabaholi bohulumeni ababebizwa ngabezabelo, uMnuz Lucas Mangope owayephethe iBophuthatswana osekuyiNorth West manje, umfuziselo wakhe owawuseLehurutshe Civic Centre, wagudluzwa ngoba kukhalwa ngokuthi wawumele umbuso wobandlululo.
I-EFF KwaZulu-Natal ithe umfuziselo kaButhelezi kawufani neminye ngoba umlando wakhe awumile ngokwezombusazwe kuphela kodwa ubuye abe yinkosi yesizwe nanoNdunankulu kaZulu.
Umholi we-EFF uMnuz Vukani Ndlovu echaza, uthe bona kabanankinga nomfuziselo wakhe kodwa abalwa nayo yileyo yabacindezeli ababephethe ngobandlululo.
“UButhelezi okwakhe kuhlukile ngoba uma ubheka nomlando wakhe wangobandlululo, okokuqala akawuvumanga, uzimele-geqe njengabanye abavuma ukuthi izifundazwe ababeziphethe zizimele njengamazwe angeyona ingxenye yeNingizimu Afrika kodwa uButhelezi akavumanga. Ngaphandle kwalokho okusiphethe kabi wukuthi kunezichuse zoQueen Victoria noLouis Botha eThekwini seziqashwe ngelokhozi ngonogada okuyinto esixakayo ukuthi zivikelwa kanjani izinto ezisithusayo singabantu abamnyama,” kusho uNdlovu.
Uthe bafuna zonke izikhumbuzo zabacindezeli ziqedwe kuthi abafisa ukufunda ngazo bazibheke ezincwadini.