I-ESKOM isimemezele ukuthi ngeke unqanyulwe ugesi kuleli sonto njengoba iziteshi eziphehla amandla zikhombisa ukubuyela esimeni esifanele sokusebenza.
“Ukusebenza kangcono kweziteshi eziphehla amandla, ukugcwala kukadizili namazi ezinsukwini ezimbalwa ezidlule nokukhuphuka kukagesi ovela eCohora Bassa yaseMozambique kulekelele kakhulu.” kusho i-Eskom ngeSonto esitatimendeni.
#POWER ALERT 2
Date: 24 March 2019
No loadshedding anticipated for the coming week due to the electricity system gradually improving @eNCA @ewnupdates @TimesLIVE @SowetanLIVE @IOL @SABCNewsOnline @News24 @TheCitizen_News @CityPowerJhb @City_Ekurhuleni @CityofCT @eThekwiniM pic.twitter.com/LeCYo2lEiY
— Eskom Hld SOC Ltd (@Eskom_SA) March 24, 2019
Iqhube yaxwayisa nokho ukuthi ukunqanyuswa kukagesi akukapheli njengoba isalungisa isimo. I-Eskom ithe ugesi uzonqamuka uma kunesimo esiphoqayo.
Ukunqanyula kukagesi ngeledlule kuthakameze izimpilo zabaningi kuleli ngokunjalo nomnotho wakuleli. Ungqongqoshe amaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, nosihlalo webhodi le-Eskom, uMnuz Jabu Mabuza, bathe inkinga yokunqanyulwa kukagesi idalwa wukungalungiswa kweziteshi ezineminyaka ewu-35 zasungulwa.
“Kuphele iminyaka eminingi iziteshi zikagesi zingalungiswa. Umbuzo wukuthi, ngabe imali yokulungisa iziteshi ibiyenziwani? Iziteshi ezintsha zikagesi okuyiMedupi neKusile azikasebenzi. Iqiniso wukuthi ingqalasizinda yethu iyawa ngenxa yokuthi ibingalungiswa,” kusho uMabuza.
UGordhan uthe kuyishwa ukuthi i-Eskom ibingabatsheli zonke izinkinga zayo abantu kodwa uzokwenza isiqiniseko sokuthi ezinsukwini eziwu-14 ezizayo abantu batshelwa konke okwenzekayo.
IDA ngakolunye uhlangothi kule mpelasonto ithe izinkinga ze-Eskom zidalwe yinkohlakalo.
“Imibiko yokuthi imali okwakumele isetshenziselwe ukugcina iziteshi eziphehla amandla zisesimeni zahanjiswa ngobukhonyovu eKusile Powe Station nakwezinye izinhlelo okwadliwa ngazo imali ngamathenda ayekhishwa,” kusho okhulumela iDA esitatimendeni uNksz Natasha Mazzone.