UNDUNANKULU waseGauteng, uMnuz David Makhura, uthi angeke isifundazwe sikwazi ukungena esigabeni sesihlanu somvalelandlini.
UMakhura ubekhuluma esithangamini sabezindaba izolo ngemva kokuba izibalo zabantu abaneCovid-19 kulesi sifundazwe zilokhu zenyuke njalo.
Babalelwa ku-1 861 065 abantu bakuleli asebehaqwe yigciwane, i-coronavirus, isifundazwe iGauteng sihamba phambili ngabantu abawu-578 488.
Omunye wodokotela, obeyisikhulumi, uthe uma kunomvalelandlini wesigaba sesine noma sesihlanu izimpilo zabantu ziyathikamezeka futhi kumele kubhekwe nesimo somnotho.
“Ukuthi lesi sifundazwe sifakwe esigabeni sesihlanu somvalelandlini kusezandleni zikahulumeni kazwelonke,” kubeka lo dokotela.
Mhlawumbe okungasiza ukuthi sisebenzise imithetho yesigaba sesine nesesithathu somvalelandlini ngesikhathi esisodwa.
UMakhura ubuye waveza ukuthi isibhedlela, iCharlotte Maxeke, sizovulwa ngoMsombuluko yize izingxenye ezasha kakhulu emlilweni zizobe zivaliwe.
Uthe bacele uMnyango wezeziMali ukuba usebenzisane nowezempilo ukuze kuzoqashwa abanye onesi balekelele njengoba isimo simanzonzo.
Uthe isibhedlela sizoqala ukusebenza kahle sonke ngoSepthemba.