UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, uthi noma kuthiwa bayathanda ukuqasha bonke othisha bakwaGrade R kodwa ngeke bakwazi ngenxa yokuthi imali ayikho nokuthi yidlanzana elineziqu.
UNkk Motshekga uthe wothisha abawu-8 135 kuphela abaneziqu zeminyaka emithathu zokufundisa kothisha abawu-24 268 bakwaGrade R.
“Yidlanzana kuphela elingaqashwa ngokugcwele ukuthi lifundise ngoba lineziqu. Imali asinayo yokuthi sibaqashe ngoba uGrade R awukafakwa ngaphansi komkhakha oyimpoqo kwezemfundo. Abafundi kuphoqeleke ukuthi baqale kwaGrade 1,” kusho uNkk Motshekga.
Usho lokhu ekhuluma emkhandlwini wezifundazwe ePhalamende izolo lapho bekudingidwa khona indaba yokungakhokhelwa ngendlela kothisha.
Uthe yiNorth West eqashe bonke othisha bakwaGrade R, kwezinye izifundazwe bakhokhelwa kusuka kuR5 000 kuya kuR10 800 ngenyanga.
Ukhale ngokuthi iNorth West ngesinye sezingayisebenzisi yonke imali eyabelwe yona. Siyakhula isibalo sabafundi bakwaGrade R sisuka ku-777 960 ngo-2014 siya ku-809 605 ngonyaka odlule.
KUNGESIKHATHI izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal zimashele uNgqongqoshe wezemfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, zikhala ngokunganyuselwa imali othisha bakwaGrade R
UNgqongqoshe womnyango esifundazweni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bangaphezulu kuka-200 000 abafundi bakwaGrade R. Bangaphezulu kuka-1 300 abaqashiwe kothisha ababalelwa ku-5 285 bakwaGrade R.
“U-572 siwunike imifundaze ukuze bayofunda eMfolozi TVET College. Sizimisele ukuphucula imfundo yasemazingeni aphansi njengoba sinezikole ezingu-6 052.”
Uthe bakhokhela othisha u-R7 250 ngenyanga wathi bakhokha kahle kakhulu uma kuqhathaniswa nezinye izifundazwe.
Usho lokhu phezu kokuba izinyunyana zothisha zihlale zikhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi kothisha.
Ngesikhathi ethula isabelo sezimali ngoMeyi, iSadtu neNatu bamashela esiShayamthetho eMgungundlovu bekhala ngokungakhokhelwa kothisha bakwaGrade R.
UNkk Motshekga uthe othisha kabaqashiwe ngomthetho oqashe othisha bakahulumeni kodwa baqashwe ngokwe-White Paper. Abaqashwe ngokomthetho kahulumeni bathola zonke izibonelelo kanti abe-White Paper bayahlomula nje kuphela.