EMVA kokuba nesonto elinzima, lapho ebetholene phezulu khona nobuholi obuphezulu beqembu lakhe, uDkt Makhosi Khoza, oyikhansela eliphezulu le-ActionSA eMkhandlwini waseThekwini, uthe angeke asishiye isikhundla.
EMVA kokuba nesonto elinzima, lapho ebetholene phezulu khona nobuholi obuphezulu beqembu lakhe, uDkt Makhosi Khoza, oyikhansela eliphezulu le-ActionSA eMkhandlwini waseThekwini, uthe angeke asishiye isikhundla.
UDkt Khoza uthe into ashenxe kuyo yisikhundla sokuba wuSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal. Isikhundla ashenxe kuso sesinikwe uMnuz Musa Kubeka, ozosibamba okwesikhashana.
Ngesikhathi kumenyezelwa ukuhoxa kukaDkt Khoza ngoDisemba 23 nyakenye, kwathiwa uzogxila ekulweni nenkohlakalo eMkhandlwini weTheku esebenzisa isikhundla sakhe sokuba wusihlalo weMunicipal Public Accounts Committee (MPAC).
“Izingxoxo ezibanjiwe zifinyelele ekubukisiseni ukuthi iMPAC ibingalindelekile noma ibingahlelelwe kodwa iyindima ebalulekile kwizakhamuzi zaseThekwini kanjalo ne-ActionSA. Isiza ekutheni umuntu asheshe akwazi ukubona izinto ezimbi ezenzeka eThekwini,” kusho uDkt Khoza.
UMengameli we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthe uvumelene noDkt Khoza ukuthi lo msebenzi awusiyo nje into engakwazi ukwenziwa wusihlalo wesifundazwe, onemisebenzi yokusungula izinhlaka ezithile esifundazweni sonke ngaphambi kokhetho lukazwelonke nezifundazwe ngo-2024.
Nokho kubuye kwavela kamumva ukuthi kukhona okungale kwalokhu okubonakale ngamehlo ngesikhathi uDkt Khoza eveza ukuthi uphoqiwe ukushenxa esikhundleni wubuholi obuphezulu beqembu.
UMashaba uziphikile izinsolo, wathi uDkt Khoza uzicelele yena ukushenxa kwesokuba nguSihlalo we-ActionSA esifundazweni.
UMashaba uze wavezela izwe lonke incwadi eyabhalwa uDkt Khoza ethi ufuna ukushenxa esikhundleni sakhe ngoba akasiholeli futhi yena udinga ukuchitha isikhathi sakhe nomndeni wakhe.
Phezu kwakho konke lokhu, uDkt Khoza owaziwa ngokugcogcoma emaqenjini ehlukene ezepolitiki okubalwa kuwo i-ANC, ADeC ne-Outa, ushaya phansi ngonyawo, uthi akayi ndawo.
“Ngesule njengoSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, kuphela,” kusho uDkt Khoza.
Kuke kwaba nezinsolo zokuthi ukungahoshelani phakathi kukaDkt Khoza nobuholi obuphezulu beqembu le-ActionSA yingoba bebukholelwa ekutheni uthole isikhunda seMPAC ngosizo lwe-ANC, iqembu uMashaba abehlale ekubeka kucace ukuthi akasoze asebenzisana nalo.
Lezi zinsolo ziholele ekutheni ngoLwesine olwedlule umholi we-DA eMkhandlwini weTheku, uNkk Nicole Graham, athi akakungabazi nakancane ukuthi uDkt Khoza wavotela i-ANC ngoNovemba, bamholela ngokuthi abe wusihlalo weMPAC.
UDkt Khoza wazichitha izinsolo, wathi yena akaphenduli kwi-DA.