UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usephinde wamemezela ukuvalwa kotshwala kuleli esigabeni sesithathu sikathaqa kulandela izikhalazo zokugcwala kwezibhedlela ngenxa yabantu abangeniswa kuzona behlaselwe izinkinga eziyamaniswa nokuphuzwa kotshwala.
NgeSonto uRamaphosa umemezele ukuthi emva kokuthi iNationa Coronavirus Command Council isicubungulile lesi simo yaphakamisa ukuthi utshwala abuphinde buvalwe, neKhabhinethi ikubone kungumqondo omuhle ukuthi utshwala buvalwe ngenxa yesizathu esesibaliwe, kwazise imibhede eminingi ezibhedlela ishlinzekwa abantu abangene ngezigameko zikatshwala, konokuthi inikezwe abantu abahaqeke ngeCovid-19.
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ubuze ukuthi izikole zona zisaleleni zingavalwa njengoba isimo secovid-19 sisabalala kuleli.
“Ngiyakucela uvale izikole. Ngeke ngikushayele ihlombe ngokuvala utshwala ngoba ngakuxwayisa nasekuqaleni kodwa wakhetha ukulalela ongxiwankulu abamhlophe, bheka manje kwenzekani,” kusho uMalema.
Uthe ngenxa yokuthi yibona abantu abavotela uRamaphosa, ababhekane naye.
Ngokwesitatimende esikhishwe yi-IFP, ithe isazoqhubeka nomkhankaso wayo wokuthi umengameli Ramaphosa avale izikole.
Uthe kuzomele uhulumeni abenengxoxo nabamatekisi ukuxazulula nenkinga yokulayisha kwawo mfi, ngoba lokho kuzobeka isimo somphakathi osebenzisa lezi zithuthi ebucayini bokusuleleka ngeCovid-19.
“Nakuba sinenkinga yokushaywa komthetho wewashi, kodwa siyakwemukela ukumiswa kokudayiswa kotshwala nokuqiniswa kwemithetho yokugqokwa kwezifonyo,” kusho umkhulumeli kazwelonke we-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa esitatimendeni.
Umholi kazwelonke weDA uMnuz John Steenhuisen, okumele ngabe kuyenzeka wukuthi izwe lakhe umhlahlandlela wokulwa neCovid-19 kunokuthti lishaye umthetho wewashi nokuvala utshwala.
"Umbono wokuthi utshwala bufaka ingcindezi yindlela yokuzivikela yokuhluleka kukahulumeni. Kuvikwa ngabo utshwala, hhayi ngoba bunenkinga,” kusho uSteenhuisen.