UMQONDISI Jikelele woMnyango weMfundo eyiSisekelo uMnuz Mathanzima Mweli uthi akukho okuzophazamisa ukuphuma kwemiphumela ka-matric ngoFebhuwari 22.
UMweli ubekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, uveze ukuthi izinhlelo zokumaka amaphepha zihamba kahle.
“Silindele ukuthi ukumakwa kwamaphepha ka-matric kuphothulwe kule nyanga. Kungenzeka kuphothulwe kuleli sonto. Okusho ukuthi imiphumela izomenyezelwa wuNgqongqoshe ngoFebhuwari 22 njengoba bekuhleliwe,” kusho uMweli.
Uthe amaphepha amakwa othisha abawu-45 000 ezikhungweni ezehlukene ezweni jikelele.
Izolo uMweli uthe uyazihlola zonke izikhungo zokumaka ngoba uqede ukukhuluma nezintatheli wadlulela eLimpopo, Mpumalanga kanti uzogcina KwaZulu-Natal.
Bawu 2 700 othisha abahoxile ekumakeni kanti bangaphezu kuka 200 okutholwe ukuthi baneCovid-19.
UMweli uveze ukuthi othisha abaningi abathole ukuthi baneCovid-19 e-Eastern Cape babike ukuthi bebeye emngcwabeni, emishadweni nasemicimbini.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokushona kukathisha obesebenza esikhungweni sokumaka esise-Estcourt.
Uthe manje kukhona omunye uthisha osekutholwe ukuthi uneCovid-19 wabe esedlulisa amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe.
Ukhumbuze abamakayo ukuthi bagqoke izifonyo, bageze izandla, basebenzise izibulali magciwane futhi baqhelelane bahlale bephephile ngaso sonke isikhathi.