BATHWALE kanzima abangcwabi abangaphansi kweSouth Africa Funeral Parlours Association (Safpa), imindeni eshonelwe, isondeza imingcwabo ukuze kuqale isikhathi sokuvalwa kwezwe thaqa isingcwabile. Lokhu kuvele izolo esithangamini nabezindaba, lo soseshini ucacisa ngezinhlelo zawo zokungcwaba njengoba kuhlasele iCoronavirus (Covid-19).
UNksz Nomfundo Mcoyi onguSihlalo walo soseshini esifundazweni, ophinde abe ngumnikazi weCebolethu Funeral Group, uthe imindeni eshonelwe ibinetwetwe elifanayo nabathengi bokudla abebegcwele ezitolo.
“Kunemindeni egcine isondeza usuku lokungcwaba kwaba yinamuhla (izolo) ngenxa yetwetwe. Sizamile ukwehlisa amaphaphu kumakhasimende ethu, namanje sisagcizelela ukuthi asikho isidingo sokutatazela. Akekho ongeke angcwatshelwe. Imingcwabo izoqhubeka nganoma yiziphi izinsuku kulezi ezingu-21 zokuvalwa kwezwe,” kuchaza uNksz Mcoyi.
Uveze ukuthi bakwazile ukubhekana nalesi simo futhi imingcwabo izoqhubeka ngisho ngempelasonto.
Njengoba uhulumeni esebeke imigomo yokuthi kuncishiswe isibalo sabazothamela imingcwabo singeqi ku-50, uNksz Mcoyi uthe bawudlulisile lowo myalezo kumakhasimende abo.
“Kunzima kona ngoba singcwabela abantu abamnyama abanezinkolelo zabo zamasiko. Nokho akukho esingakwenza ngaphandle kokulalela umyalelo kahulumeni ukulekelela ekunqandeni lolu bhubhane. Sibachazelile nalabo abebekhokhela uhlelo olubavumela umngcwabo omkhulu, ukuthi sekumele banciphise ngenxa yesimo esibhekene naso,” kusho yena.
UMnuz Ndabe Ngcobo, oyiPhini likaMengameli weSafpa, uthe banabangcwabi abangaphezu kuka-1 200 kuzwelonke. Ugcizelele ukuthi wonke amahhovisi azobe evuliwe ngisho kulabo abafuna ukukhokhela umasingcwabisane.
“Akukho okutheni okuzoshintsha ngalezi zinsuku ezingu-21 emsebenzini wethu. Siqinisekise nezokuphepha kubo bonke abasebenzi bethu. Emahhovisi siyayilandela imigomo yokuhlanzeka ngoba asifuni kubhebhetheke lolu bhubhane ngenxa yebhizinisi lethu,” echaza.
Mayelana nokulandwa kwezidumbu emakhaya nasemakhazeni, uthe abasebenzi babo bazofaka amagilavu nezifonyo zokuzivikela. Unxuse imindeni eshonelwe ukuthi ibathembe ukuthi baqeqeshiwe ukugeza izidumbu, asikho isidingo sokuthi ziphindwe zigezwe uma seziyiswa ekhaya. Mayelana namakhasimende abo angase ahaqwe yileli gciwane, uthe bami ngomumo ukubhekana nalesi simo futhi bazobangcwaba nababulelwe yiCovid-19.