SABELO NSELE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, uthi akanatwetwe lokuthi imibhikisho enodlame ebukeka yanda kulezi zinsuku esifundazweni, ingase iphazamise ukhetho lohulumeni basekhaya olungonyaka ozayo.
UZikalala uthe le mibhikisho equbuke ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe kulandela ukugxegiswa kwemithetho yomvalelandlini, ayinalo udlame oselungaholela ekutheni kuphazamiseke ukhetho.
“Siyabona izinhlangano namaqoqo abantu abahlukene ababamba imibhikisho eyahlukene. Isikhathi esiningi isizathu esiholela kule mibhikisho kuye kube wukusweleka kwamathuba emisebenzi kanyenokukhala ngamathuba ezomnotho.
“Lolu akusilo udlame oselungaholela ekutheni kuphazamiseke ukhetho. Into okufanele yenzeke wukuthi kufanele sisondele eduze kubantu bakithi sibone ukuthi singazilungisa kanjani lezi zinkinga abakhala ngazo.”
UZikalala ubekhuluma ngesikhathi kuqhubeka umhlangano weKhabhinethi lesifundazwe iLekgotla, obanjelwe eThekwini.
UZikalala uthe bazoqinisa uhlelo lokuthi kuhlonzwe abokufika abakuleli ngokungemthetho, njengoba eminye yemibhikisho kungeyokukhala ngokuthi abokufika bathathela abakuleli amathuba emisebenzi namathuba omnotho.
“Siyakholelwa ekutheni kufanele kuhlalwe ngokuzwana.
“Abakuleli ngokusemthethweni kufanele bayekwe bahwebe ngaphandle kokuphazanyiswa. Kepha labo abakuleli ngokungemthetho kufanele babuyiselwe emazweni abo.”
Lo mhlangano wezinsuku ezimbili ozophothulwa namhlanje, kulindeleke ukuthi uqhamuke namasu okuthi uzofukulwa kanjani umnotho wakulesi sifundazwe oshayekile ngesikhathi kubheduka ubhubhane iCorona.
Uhanjelwe ngongqongqoshe beminyango eyahlukene KwaZulu-Natal, izimeya kanye nezikhulu zezinkampani zikahulumeni.
UZikalala uthe enye yezinto abazogxila kuzo wukuqinisekisa ukuthi omasipala baqhamuka namaqhinga okuphucula indlela abahambisa ngayo izidingo kubantu.
“Sizoqinisekisa ukuthi kudwetshwa uhlelo olucacile omasipala abazolusebenzisa ukuguqula isimo.
“Sizophinde futhi sicele ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usinikeze imibiko njalo emva kwezinyanga ezintathu, yokuthi omasipala abangaphansi kweso lomlawuli baqhuba kanjani.“Sifuna ukwazi ukuthi usizo abalutholayo bayalwamukela yini nokuthi lwanele yini. Akusizi ukulokhu sithi siyasiza kanti bona abafune kusizwa.”
Umhlangano uzophinde udingide ngodaba lobugebengu njengoba sekusondele amaholidi kaDisemba.