UMNYANGO wezeMpilo kuleli awunazo izinhlelo zokuwubuyisela emuva umgomo weCovid-19, i-AstraZeneca okuvele ukuthi awulwi ngokuphelele negciwane lakamuva leCorona eselizishintshile elitholakale kuleli.
UNgqongqoshe walo Mnyango uDkt Zweli Mkhize, izolo uthe okwamanje ososayensi bakuleli ngokubambisana nabenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation(WHO) basahlola ukuthi lo mgomo ungasetshenziswa kanjani. Kulindeleke ukuthi emasontweni amabili ezayo ososayensi babe naso iseluleko.
UDkt Mkhize ubechaza ngokuthi ngabe umnyango usukuphi nohlelo lokuqala ukugoma abasebenzi bezempilo obekuhlelwe ukuthi luqalwe ngesonto elizayo obekubukeka sengathi ngeke lusaqhubeka ngendlela obekuhlelwe ngayo ngoba umgomo i-AstraZeneca obusuthengiwe kutholakale ukuthi awulwi ngokuphelele negciwane eselizishintshile, i501Y.V2 elitholakale kuleli.
" Sengike ngathintwa ngamanye amazwe ethi afuna ukuthi siwadayisele lo mgomo ngoba wona awanalo igciwane eselizishintshile i501Y.V2. Okwamanje asikathathwa isinqumo sokuthi udayiswe sisafuna ukuqale sibe nesiqiniseko sokuthi ayikho yini indlela yokuthi siwusebenzise. Uma kungase kutholakale ukuthi ayikho sizoqale sizame ukuthi siwushintshe ngomunye umgomo okwazi ukulwa naleli gciwane, uma sihluleka sesingakucabanga ukuwudayisa. Esinesiqiniseko sako ukuthi imali esetshenziswe ngesikhathi uthengwa ngeke ilahleke," kusho yena .
Uthe ohlelweni lokusatshalaliswa komgomo weCovid-19 oluholwa iWHO, iCovax nolwase-Africa, i-African Vaccine Acquisition Task Team (AVATT) sebesifakile isicelo sokuthi bashintshelwe ngomunye umgomo bangabe besanikezwa i-AstraZeneca.
Uthe uhlelo lokugonywa kwabasebenzi bezempilo luzoqhubeka njengoba bekuhleliwe kuzosetshenziswa umgomo, iJohnson&Johnson ucwaningo oluveze ukuthi iyalwa negciwane i501Y.V2 nePfizer
" IJohnson&Johnson izofika kuleli ngesonto elizayo, skhulume nabakhiqizi bayo ukuthi bayithumele kuleli ngaphambi kwesikhathi ebesihleliwe phambilini. Isibalo somgomo ozofika sizodalulwa uma sesiphothule zonke izingxoxo. Ingxenye yomgomo esizonikezwa wona owocwaningo ngeke siwukhokhele kodwa uma kuba khona isidingo sokuthi ukhokhelwe sizokhokha ngoba siwudinga ngokushesha," kusho yena.
Uphinde wacacisa ngePfizer okuthiwa idinga ukuhlala endaweni ebanda kakhulu wathi, izogcinwa kuma-laboratory asebenzisa izindawo ezinokubanda okufanayo nokudigwa yilo mgomo.
" Lo mgomo ufika ugoqwe ngento efakwe amaqhwa ekalelwe isikhathi. Abukho ubungozi bokuthi kungenzeka wonakale," kusho yena.