ASHAYA phansi ngonyawo athi lingawa licoshwe zinkukhu, ngeke axolise amadoda amabili oHlanga alahlwe yicala lokubhebhethekisa inzondo ebhekiswe emaNdiyeni yiNkantolo yezokuLingana ngoMsombuluko.
Induna yeNjeje yamaNguni, uMnuz Phumani Mfeka noMnuz Zweli Sangweni balahlwe yicala lokwenza inkulumo evusa uhlevana emphakathini ngemuva kokubiza uMnuz Mahatma Gandhi ngocwasa ngebala.
UMfeka noSangweni abake baba ngabaholi beMazibuye African Forum, kade babevela enkantolo ngalolu daba njengoba ngoMsombuluko begcine belahlwe ngecala. Isigwebo kulindeleke ukuba siphume ngo-Ephreli 29.
Engxoxweni neSolezwe izolo, ngemuva kwesinqumo senkantolo ngoMsombuluko uMfeka, uthe lingawa licoshwe zinkukhu ngeke baze baxolise ngokubiza uGandhi ngomcwasi ngebala.
“Thina simile enkulumeni yethu, siyakholelwa ekutheni uGandhi wayengocwasa ngebala egqugquzela ukuthi amaNdiya azibone engcono kunaboHlanga,” kusho uMfeka.
Uthe basibheke ngebomvu isinqumo sokugcina senkantolo, wengeza ngokuthi noma ngabe kuthiwa sithini, bazosidlulisela phambili ngoba bayakholelwa enkulumeni yabo.
Leli cala elifika esiphethweni, selidonse isikhathi kusukela ngo-2014, lafakwa enkantolo yiKhomishini yezokuLingana ne-Ahmed Khathrada Foundation.
UMfeka uthe mhlazane amaNdiya axolisa kwaboHlanga ngokubahlukumeza mhlampe nabo bayosihoxisa isitatimende sokubiza uGandhi ngomcwasi.
“Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi amaNdiya yiwona angabaqashi abaningi babantu abamnyama kulesi sifundazwe, esihlale sizwa izinsolo zokuthi ayabahlukumeza ngazo zonke izindlela ezindaweni zokusebenzela, futhi kuyiqiniso ukuthi kusakhala isicathulo sawo nakwezomnotho njengoba kuyibo athola amathenda kakhulu,” kusho uMfeka.
Labo abafake icala bafuna uMfeka noSangweni baxolise ngenkulumo yabo baphinde bakhokhe inhlawulo kaR50 000, okuzonikelwa ngawo esikhungweni sezintandane eNgwavuma.