UTHI akayindawo owesifazane waseNquthu, obonakale kwithelevishini ekhihla esikaNandi ngenkathi kwethulwa umnakwabo ngoLwesibili ohlelweni Mnakwethu oludlala kuMzansi Magic.
Lesi siqephu sithinte abantu abaningi, abanye bezwelana nomamkhulu uNksz Makhosi Shelembe, obelila ekhala ngokuthi umyeni wakhe akamhloniphi futhi uyalamba.
UMnuz Bhekisisa Langa, umyeni kaNksz Shelembe, udalule ukuthi uhambe ngale kwakhe wayolobola umnakwabo uNksz Hlengiwe Sithole, kanti abakwaLanga bebazi, nguNksz Shelembe obengazi.
Bebebhodla umlilo ezinkundleni zokuxhumana abantu bebabaza unya olukhonjiswe nguLanga. Iqembu labesifazane eliyingxenye yekhasi lasenkundleni yezokuxhumana kwiFacebook, iLadies House belivutha bhe lithi uLanga akamhloniphi uNksz Shelembe.
Libe selinquma ukuthi lizomsiza ngokuthi athole umsebenzi, abanye bathi bazomthengela ukudla. NakwiTwitter abantu bebefuna ukuxhumana noNksz Shelembe, befuna ukumsiza ngokuthi alulekwe ngokwengqondo abanye befuna ukumnika umsebenzi.
Isolezwe izolo lixoxe noNksz Shelembe, wathi usahleli emzini wakhe noLanga kodwa uzoke athi ukumshayisa ngomoya kodwa uzobuya.
“Ngifuna ukuthi ngiye ekhaya ngiyoshaywa umoya kodwa lokho akusho ukuthi ngiyahlukana noyise wezingane zami. Ngizohamba ngibuye. Ngiyamthanda uyise wezingane zami,” kuchaza uNksz Shelembe.
Eqhuba uthe: “Umndeni wami aweneme ngesenzo sikayise wezingane zami, basahlela ukuthi kube khona umhlangano.”
Uthe uyabonga kakhulu ngokuthola ukwesekwa ngabesifazane emva kokuvela kwalesi siqephukodwa angeke akwazi ukuyosebenza manje ngenxa yokuthi uzithwele.
“Ngizoteta ngoNovemba kanti ngiyafisa ukuthi ngithi ukuhlala ekhaya ngikhulise umntwana wami, bese kuthi emva kwezinyanga eziyisithupha ngiqale ngifune umsebenzi,” kuchaza uNksz Shelembe.
UNkk Ncumisa Ndelu, ubhale ekhasini lakhe kwiFacebook ukuthi ufuna ukwenzela uMaShelembe ibaby shower.
Uthe: “Lena yibaby shower yesifundazwe sihlonipha uMaShelembe, sinaye ozosihlobisela nguThumoya ikhekhe lizokwenziwa nguPhumla Nkonyeni omunye umsamariya umatasa uthola indawo, impendulo sizoba nayo ngaphambi kokuthi kuphele usuku. Sifuna ibe ngoSepthemba 26, le nyanga ayikhumbule ngalolu suku. Asimtshengise uthando simxhase. Nginethemba lokuthi loku kuzomnika isibindi sokuthi aphume kulobu budlelwano obungajabulisi.”
Ngenkathi Isolezwe limbuza ukuthi uma uNksz Shelembe ethi akaphumi kulobu budlelwano bazoqhubeka yini nokumenzela ibaby shower, uthe yebo.
“Ukuthi uthatha siphi isinqumo akusiyo indaba yami leyo. Okwethu ukuthi siyamthanda futhi simzwile,” kuchaza uNkk Ndelu.
Usolwazi uSihawu Ngubane uthe amadoda kumele axoxe nomamkhulu, acele imvume yokuthatha omamncane.
“Ngokwesiko akumele umfihlele unkosikazi wokuqala ukuthi ufuna ukuthatha isithembu. Yonke into kumele ibe sobala,” kuchaza uNgubane.
Isolezwe lisanda kubhala ngezinto amadoda okumele azenze ngaphambi kokucela kunkosikazi wokuqala, ukuganwa yisithembu.