UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ubhoboke okokuqala ngezinto ezadingidwa ngesikhathi "eyophuza itiye" nowayengumengameli wakuleli, uJacob Zuma.
UMalema uthi ngalelo langa, wamtshela emehlweni uZuma ukuthi uzoboshwa uma engavumi ukuyophendula imibuzo kwikhomishi ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana.
Ukusho lokhu ngoMgqibelo ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokubonga abavotele nhlangano yakhe okhethweni lohulumeni basekhaya, obuseGoli.
NgoFebhuwari, uMalema wavakashela uZuma emzini wakhe oseNkandla. Ngaleso sikhathi uZuma wayebhekene ngeziqu zamehlo nekhomishini eholwa yiJaji uRaymond Zondo, ngoba uMsholozi wayengafuni ukuvela phambi kwalekhomishini yize kwakunesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo esasimphoqa ukuba enze njalo.
UMalema, owayehamba no-Advocate Dali Mpofu, owayengakabi ummeli kaZuma ngaleso sikhathi, uthe wakubeka kwacaca kuZuma ukuthi ukubhekana kwakhe ngeziqu zamehlo nekhomishini kuzomfaka ezikhindini.
Ngempela ngoJulayi uZuma wagwetshwa izinyanga ezingu-15, ebhadla ejele ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo. Wadonsa izinyanga ezimbili zalesi sigwebo ejele eliseMtshezi, ngaphambi kokuthi adedelwe ngoshwele wokugula.
Ngemva kokuboshwa kukaZuma, kwaqubuka izibhelu KwaZulu-Natal, naseGauteng, ezadlula nenqwaba yemiphefumulo, kwalahleka nenqwaba yemisebenzi njengoba kwacekelwa phansi impahla.
UMalema uthe konke lokhu kwakungagwemeka ukube uZuma wamlalela.
"Ngamtshela uZuma ukuthi akahambe aye kwikhomishini. Ngathi kuye, madala bazokubopha uma ungayi kwikhomishini. Akazange angilalele. Abambophanga? Angimtshelanga ukuthi bazombopha? Ukube wangilalela ngabe akazange aboshwe."
UMalema ubechitha izinkulumo ezithi, ukuhambela kwakhe emzini kaZuma kulahlekisele i-EFFngamavoti, okhethweni lohulumeni basekhaya. Uthe kungumsebenzi wakhe njengesakhamuzi sakuleli ukuba enze isiqiniseko sokuthi umthetho uyalandelwa.
"Lapha ngangiyokwenza into elungile njengoba ngangiyotshela uZuma ukuba ahloniphe umthetho. Kungani ukwenza into elungile kuzosenza ukuba silahlekelwe amavoti? Mina ngangingayele ukuyohubuluza itiye lapha, ngangiyotshela uZuma ukuba enze into elungile. "
UMalema uthe akulona iqiniso ukuthi isenzo sakhe silahlekisele iqembu lakhe ngamavoti.
"EThekwini sigxume sasuka ekubeni iqembu lesihlanu ngobukhulu, saba yiqembu lesithathu ngobukhulu. Sigudluze i-IFP ngokuba yiqembu lesithathu ngobukhulu kulo mkhandlu. Ngubani owayazi ukuthi siyoke sihlule i-IFP ngamavoti kulo mkhandlu?
"Kuyangixaka ukuthi kungani abantu bethi ukuyophuza kwami itiye noZuma kusilahlekisele ngamavoti. Uma kunjalo, kungani pho sikhulile eThekwini? Phela bekufanele amavoti asilahlekele khona."