IMIGUBHO yokukhululwa kukaMnuz Nelson Mandela ejele, owayeboshwe iminyaka engu-27, ibiyindaba egudwini kwabaningi futhi ibibusa izinhlizyo nemiqondo yabo kuleli sonto.
Sekuphele iminyaka engu-30 kwaqopheka umlando wokukhululwa kwakhe, kwaba nezinguquko ezintweni eziningi kodwa kukhona okumqoka okungashintshanga.
Umkhakha wabezindaba kusukela kudala ubuhlala uneqhaza elikhulu ekudwebeni isithombe ngakho konke okwenzekayo ezweni, namanje kusenjalo futhi kusazoqhubeka.
Abezindaba baphinde basihlahlele indlela ngokuthi kufanele sibhekane kanjani nezimo zezwe?
Kuwo lowo mkhakha oneqhaza elikhulu kangaka alukho uguquko olunqala, oluzosiza ukuthi umkhakha uhambisane nesikhathi sombuso wentando yabantu.
Kulo mkhakha kusakhala isicathulo senqwaba yabantu ababeyingxenye yobandlululo. Umkhakha wabezindaba usabukeka uxakekile nakuba sesadlula isikhathi sombangazwe futhi iqembu elibusayo alikakwazi ukuthola iziko labezindaba elibeka kahle umyalezo walo.
Lokhu kuhlukene kabili ngoba kuyancomeka kodwa kunobungozi futhi kungabeka engcupheni intando yabantu baseNingizimu Afrika.
Singabuye sithi kuyancomeka ngoba i-ANC ihlala iqhakambisa uMthethosisekelo wezwe ohambisana nenkululeko, ubulungiswa nokulingana nokumeleleka kwabantu bonke emkhakheni wabezindaba.
Ubungozi busekutheni, kunesikhala sezwi elizwakalayo futhi elinohlonze elimele inqwaba yabantu abakuleli. Leso sikhala sisengcupheni yokuhlwithwa abanye abaphikisayo.
Ivuleke yaba wugabagaba intuba yokuthi izinkundla zokuxhumana zizenzele umathanda kubantu abalambele izindaba.
Inkinga izinkundla zokuxhumana zikha phezulu nje. Sithola inkulumo thizeni isihlanekezelwe yabekwa ngenye indlela nokuyinto esusa uthuthuva.
Kucace bha ukuthi imithombo yezindaba emidala ayiyibeki kahle i-ANC, nehlubuka layo i-EFF eliholwa wuMnuz Julius Malema owayehola i-ANCYL.
Le mithombo yabezindaba ayinaso isikhathi sezinyunyana zabasebenzi, amaqembu aqhakambisa abamnyama namanye anombono ophusile.
Isikhathi esiningi indlela okubikwa ngayo ifaka imizwa yababikayo, ayinabo ubulungiswa futhi iyalumela.
Uma kuqhubeka kanjalo kusho ukuthi izwe nomnotho walo kungase kukhinyabezeke. Indlela okubikwa ngayo yiyona engaba nomthelela omkhulu ekuthuthukeni kwezwe liye phambili. Sekuyisikhathi sokuthi sibhekane neqiniso elizokhulula wonke umuntu.
Umbuzo uthi lithini iqiniso? Iqiniso lilele ekutheni kuzwakale imibono eyahlukene. Imibono ezwakalayo okwamanje iyefana futhi ukulalela uhlangothi olulodwa endabeni akulona iqiniso, futhi akusoze kwaba yilona.
Eminyakeni engu-30 uMandela wakhululwa ejele i-Victor Vester, sekube nenqwaba yezigwili nezinhlangano ezifaka imali ezinkampanini zabezindaba ezibhekelele idlanzana labantu nemibono ethile. Konke lokhu bakwenza bezenza abantu abaxhasa inkululeko yabezindaba. Angimelene nabathile abafaka imali ezinkampanini zabezindaba, ikakhulukazi njengoba kuwumkhakha odonsa kanzima kwezomnotho emhlabeni.4
Amaziko abezindaba anjengoDaily Maverick athola imali kwabakwa-Oppenheimer nakwezinye izigwili. Ngikhuluma ngalaba abazibiza ngokuthi bangamaBhungane abathola imali phesheya kwezilwandle kubantu ababheke ukuzuza kwezepolitiki yezwe.
Bonke laba “abanikelayo” kukhona abakubhekile futhi bamelene nemibono ephusile yamaqembu enkululeko.
Ngeke siqambe amanga ukuthi i-ANC nayo izigwaza ngowayo ngalobu buqembuqembu nezimpi zayo zangaphakathi.
I-EFF eyiqembu lesibili ngombono ophusile ePhalamende, igcwele onontandakubukwa abahlaselwe yinkohlakalo, bakhohlwa abantu bakuleli.
Onke amaqembu amele abantu abaningi, asabhekene nenkinga yamaziko abezindaba axovayo nokuyinto eshiya dengwane abantu. Ngiyazi ukuthi akuyona inkundla yokusina ngizikhwahlele nge-Independent Media kodwa ilibambile iqhaza ekuthuthukeni kwezwe.
Sekukaningi kuzanywa ukuthi ivalwe umlomo le nkampani. Ngiyabonga ukuthi isalokhu imi njalo futhi iqhubeka nokuveza imibono yabantu abehlukene. Lokhu kubonakala ngokuthi sinabantu abaningi abehlukene abasibhalela imibono.
Kunesisho esithi “Uma ibhubesi lingayixoxi indaba izoxoxwa yimpisi.’’ Ake ngenze isibonelo ngeJapan.
Uma kukhunjulwa ukuqathaka kwamabhomu eHiroshima naseNagaski, abantu bagcina ngokukhumbula isigameko kodwa bangazihluphi ngokuthi wubani owaphosa amabhomu?
Kumanje uhhafu wabantu wabantu baseJapan bazi ukuthi amabhomu aphoswa yiRussia, hhayi i-USA, nokuyinto ekhombisa ukuthi imfundisoze isebenza kanjani.
Uma singayibeki kahle indaba kusho ukuthi eminyakeni eyishumi ezayo, abantu bayogcina becabanga ukuthi uMandela akalwanga nobandlululo kodwa wuyena owaludala. Injalo nje imfundisoze uma amaqembu anombono ophusile engalitholi ithuba elanele ezinkampanini zabezindaba eziyizikhondlakhondla.
Ukuze kube nobulungiswa nekusasa eliqhakazile, abezindaba kufanele baveze zonke izinhlangothi ukuze umsizilo kaMandela wenkululeko uyohlala ukhunjulwa kahle.
U-Iqbal Survé unguSihlalo weSekunjalo ne-Independent Media engabanikazi beSolezwe