IHLALE ikhulumisa indaba yohlelo lokudlalwa komculo emisakazweni eyahlukene kuleli.
Kujwayelekile ukuzwa abaculi bekhala ngokuthi izingoma zabo azidlalwa emsakazweni.
Ngisanda kubona noZakes Bantwini ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi umculo wakhe, njengoba ene-albhamu entsha, awudlalwa kwi-5 FM.
Wayethi ufuna ukuba nomhlangano nabo ukuze ezwe ukuthi inkinga ngabe ikuphi ekutheni ungadlalwa.
Baningi abakhala esikaZakes futhi kwesinye isikhathi abagcina bengazwanga ukuthi ingoma ichithelweni ukuze ngomuso bangenzi iphutha elifanayo, uma kuwukuthi ingoma inephutha elithize elidinga ukulungiswa.
Muva nje indaba ebe segudwini yileyo yeqembu lezinsizwa zegqom’, iDistruction Boyz.
Inkinga ivele ngemuva kwezindaba zokuthi Ukhozi FM lunqabe ukudlala ingoma ethi Omunye ngoba bekholwa wukuthi izinhlamvu ziyalumela.
Iqembu lize laphoqeleka ukuthi ingoma ingabe isasho ukuthi “omunye phezu komunye” kodwa ithi “okunye phezu kokunye” futhi kube khona izinhlamvu ezingazwakali.
Ngicabanga ukuthi kujwayelekile ukuthi abaculi uma emsakazweni bengakuthandi okushiwo engomeni abaculi benze ingoma ezozwakala kangcono.
Kwenzeka kwiSister Bertina kaMgarimbe.
NoBabes Wodumo wake waba nenkinga ngeMercedes. Kodwa engike ngakuzwa ukuthi abanye bathi izingoma zesiNgisi kwesinye isikhathi uke uyizwe inhlamba ingavalwanga.
Yilapho-ke nami engisafisa ukucaciseleka khona ukuthi kwenzeka kanjani.
Ngike ngezwa nokuthi ingoma ethi Oe Batla Kae kaDe Modul ayidlali kwiLesedi FM ngenxa yezinhlamvu zayo. Kweminye imisakazo kodwa iyadlala ngoba kunenkolelo yokuthi iningi labalaleli aliqondi ukuthi kukhulunywa ngani.
Iyohlala iyinkinga eyokudlalwa kwezingoma ngoba abanye abaculi bahambisa izingoma betshelwe ukuthi kusazohlala ikomidi liyilalele. Kwabanye, ikakhulukazi abaphesheya, ithi ingoma iphuma uyizwe isiqhuma emsakazweni.
Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu noma ku-Instagram @fanelebengu