Izindaba

Kuhalaliselwe uthisha wesifazane ogile izimanga e-India

Simangaliso Ntshangase|Updated

IMEYA yakuMasipala waseMfolozi uKhansela Xolani Bhengu, ihalalisele omunye wothisha besifazane baseMzingazi Primary, enyakatho yaKwaZulu-Natal, ngenxa yomsebenzi omuhle awenzile ebuya nendondo yocwaningo alwenzile, olwenze wamenywa e-India.

Lowo nguNkk Mpilo Cele, ofundisa iNatural Sciences kwaGrade 7, ofike e-India wahlabana ngendondo kuma-Royal Golden Awards, wahlabana ngendondo yomunxa we-Best Global Academician ngocwaningo lwakhe alwenzile lwe-Master's Degree in Educational Inclusive, oluthi Differentiated Pedagogic Approach To Appeal To Academic Talanted Leaners, olubheka amasu asetshenziswa uma kufundiswa izingane ezikoleni emazweni omhlaba, nokuthi yikuphi okungenziwa ukwenza kube ngcono kunesimo okuyisona okwamanje.

IMeya uBhengu, ivakashele lo thisha esikoleni afundisa kusona, ihambisana nekhansela laku-ward 6, lapho okwakhiwe lesi sikole khona, uMnuz Celimpilo Makhunga, ukuzombongela futhi bamhalalisele ngomsebenzi omuhle awenzile ohambweni lwakhe.

IMEYA yakuMasipala waseMfolozi uKhansela Xolani Bhengu, ehalalisela uthisha waseMzingazi Primary, uNkk Mpilo Cele ogile izimanga ngocwaningo lwakhe lwezemfundo ohambweni abeye kulona e-India

Image: SITHUNYELWE

"Lokhu esikubona manje kuhle kakhulu futhi kudinga ukushayelwa ihlombe ikakhulu ngoba kukancane ukuthi othisha banconyelwe umsebenzi omuhle abawenzayo, njengoba siyaye sibone ukuthi isikhathi esiningi kuhlale kulindwe ukuthi benze iphutha bese beyagxekwa. Akwenzile kwenze kwazeka ukuthi nakuMasipala wethu zikhona izikole ezinothisha abenza umsebenzi oncomekayo nobeka igama lethu ebalazweni ngale ndlela," kusho uBhengu.

KUSUKELA kwesokunxele wusotswebhu wakuMasipala waseMfolozi uKhansela Celimpilo Makhunga, uThishanhloko waseMzingazi Primary uNkk Nxumalo nemeya nakulo masipala uKhansela Xolani Bhengu bephahle uthisha obahalaliselwa uNkk Mpilo Cele esikoleni afunda kusona izolo Karight uKhansela uCelimpilo Makhunga ongusotshwebhu kuMasipala isikole esisewadini yakhe, kube uthishomkhulu uNkk Nxumalo ngizobheka igama

Image: SITHUNYELWE

UNkk Cele, usebhale ama-article awu-186 afundwa emazweni ehlukene ezethulo zocwaningo lwakhe. Kanti ufika kulesi sigaba nje, kulolu hambo lwakhe bekumele ngabe uhambisane nozakwabo uNksz Bonisiwe Maphumulo, owashona ngoDisemba nyakenye, ngenkathi elimala esigamekweni sokubanjwa kwemoto yemali khona eMzingazi.

Ekhuluma emcimbini wokumhalalisalela, uNkk Cele uthe konke lokhu okwenzeke manje kuwumusa kaNkulunkulu, abona ukuthi ubengeke ekwazi ukuzenzela konke ngokuqonda nokwazi kwakhe, futhi wethemba ukuthi lokhu kuzoba yisisekelo sokukhulu okuzayo.

“Ngiyabonga kakhulu nakozakwethu esifundisa nabo eMzingazi ngokungeseka emsebenzini wethu wokufundisa izingane, kanti futhi ngifisa ukuthi lokhu engikuzuzile kukhuthaze abanye ukuzithwasisa ngolwzi lwemfundo oluzokwenza zinikezele ngolwazi lwemfundo lwezinga eliphezulu noluhambisana nobuchwepheshe besimanje kubafundi bethu,” kusho uNkk Cele.