ISIKAPAKELE KwaMashu inkinga yokungaqoqwa kukadoti wuMasipala weTheku njengoba abantu baleli lokishi bethi awusaqoqwa ngezinsuku ezifanele udoti.
Abantu abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalulwa bathe udoti ujwayele ukuqoqwa ngoMsombuluko kodwa ngeSonto eledlule uze wathuthwa ngoLwesihlanu.
Uma bebuza kuvela ukuthi iphelile inkontileka yenkampani ebiqoqa udoti esigcemeni sabo.
Abanye bathe kufike imoto kadoti iphelezelwa ngamadoda abehlome ngezibhamu iqoqa udoti kwa-C, KwaMashu.
EMlaza Isolezwe libone udoti uqoqiwe kuMxenge (Mangosuthu) Highway kodwa uma ungena emigwaqweni ehlukene udoti ubusaduve emgwaqweni ikakhulukazi kwa-D, E,F,G nakwa-W.
Isolezwe lithole ukuthi kunezigceme okuphazanyiswa kuzo abasebenzi bakamasipala uma beqoqa udoti, okwenza kube nzima ukuthi bazihambele bodwa.
UMnuz Msawakhe Mayisela obhekelele ezokuxhumana kuMasipala weTheku uthe bazi ukuthi ukuqoqwa kukadoti kuhamba kahle KwaMashu naseMlaza.
“Sizoqala sikhangise izikhala zamatoho azoqoqa udoti izinyanga ezintathu bese emuva kwalokho sikhangise ngezikhala zomsebenzi zabazoqoqa udoti ngokuphelele. Uyaqhubeka ukuqoqwa udoti eMlaza naKwaMashu sazi ukuthi udoti uyaqoqwa,” kusho uMayisela.