OBENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma ukhala ngokucindezelwa kwamalungelo akhe njengoba icala lenkohlakalo nokukhwabanisa abekwe lona selidonse iminyaka engu-15, liqulwa lingaqedwa.
Ekhuluma namakhulu abalandeli bakhe ngemuva kokuguqa kwecala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu izolo, uZuma uthe isizathu esidala ukuthi leli cala lingaqedwa ukuqulwa ukuthi yingoba alikho, lakhandwa ngenhloso yezombusazwe.
“Mina anginacala futhi angikaze ngibe necala,” kusho uZuma.
Uthe inhloso yokuthi abekwe leli cala kwakuwukuthi aboshwe ngaphambi kwengqungquthela yango-2007, yasePolokwane lapho ayebanga khona isikhundla sikamengameli noMnuz Thabo Mbeki.
“Babefuna ukuthi ngiboshwe ngaphambi kwengqungquthela. Kodwa lokho kwangenzeka, base bebopha iqabane elingumngane wami uMnuz Shabir Shaik ngoba bezungeza mina,” kusho uZuma.
Uthe abameli bakhe banekele inkantolo ngokuhlukumezeka kwamalungelo akhe njengoba egqigqiswa ezinkantolo ngecala elingekho.
“Ngimdala uma ngingaka, angikaze ngizwe ngecala elidonsa isikhathi eside kangaka yingakho abameli bami befaka isicelo sokuthi lichithwe emabhukwini ngoba vele alikho,” kusho uZuma.
Uthe abameli bakhe baphinde bathola ubufakazi ngama-spy tapes lapho kwakuhleba khona abashushisi nabaphenyi becala bekhuluma ngaye.
“Omunye owayephethe uPhiko lwezokuShushisa kuleli wayephesha abaphenyi becala ebabuza ukuthi ngiboshwa nini,” kusho uZuma.
Uthe konke lokhu kwakwenziwa ukuze avinjwe ukuthi angabi ngumengameli.
“Kusasa (namhlanje) abameli benkampani yaseFrance okwathengwa kuyo izikhali nabo bazophinde banekele uMbuso amaphuzu abo akhombisa ukuhlukunyezwa kwamalungelo ami. Ngemuva kwalokho uMbuso nawo uzobe usubeka amaphuzu awo. Zimbili izinto ezilindelekile emajajini amathathu okuyiwo aselalele leli cala, ukuthi anqume ukuthi uZuma unecala noma cha,” kusho uZuma.
Ngemuva kokwethula inkulumo yakhe uZuma ube esebonga abalandeli bakhe ngokuvotela i-ANC okhethweni lukazwelonke lwakamuva.
Uthe wathatha isinqumo sokuthi abanxuse abalandeli bakhe ukuba bovetele uKhongolose ngoba wayezwa imvunge kukhona abathi ngeke bavote.
Lowo owake waba ngunobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Super Zuma uthe uZuma bazomeseka kuze kube sekugcineni.
“UZuma besikhankasa naye noma esehamba izinkantolo. Ngeke size simulahle,” kusho uSuper Zuma.
Umholi weBLF uMnuz Andile Mgxitama uthe uZuma ushushiswa ngoba nakhu engumuntu omnyama.
“Abelungu ababulala abantu ngesikhathi sobandlululo, abanye bantshontsha imali ababoshiwe kodwa kuboshwa uZuma ngoba nakhu efuna abantu babuyiselwe umhlaba nokuthi bathuthuke kwezomnotho,’’ kusho uMgxitama.