I-ECONOMIC Freedom Fighters isinqumele uhulumeni ugwayi katiki ngodaba lokuvalwa kwezikole, njengoba ibhebhetheka ngamandla iCovid-19 kuleli.
Ekhuluma nabezindaba ngoLwesine umengameli we-EFF uMnuz Julius Malema, uthe bawunikeza izinsuku eziyisikhombisa uhulumeni wakuleli ukuthi uvale izikole zamabanga aphansi ngoba bakhathazekile ngesibalo sabafundi abatheleleka ngeCovid-19.
“Siwunikeza izinsuku eziyisikhombisa uhulumeni ukuthi uvale izikole. Kwakubuhlungu sishonelwa abantu abadala ngesivuvu sokuqala nesesibili. Awucabange-ke manje uma sekumele singcwabe izingane...ngale ndlela esasingcwaba ngayo abantu abakhulile. Sisesimeni esibi, izikole kumele zivalwe” kusho uMalema.
UMalema uthe into ebalulekile ukuphepha kwabafundi ngoba izingane seziyatheleleka ngeCovid-19. Izolo isibalo sabantu abahaqwe yileli gciwane sinyuke ngo-8 881, kanti selibulele abawu-57 310 kuleli.
Ngaphandle kwezikole, uMalema unxuse i-IEC ukuthi ihlehlise ukhetho lohulumeni basekhaya ngenxa yokukhula kwesibalo sabahaqwe yiCovid-19, ngokunjalo nemithetho ebanqanda ukuthi babe nezingqungquthela zokuqoka ubuholi ezindaweni abasadinga ukulungisa kuzo.
Uphinde wagxeka isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa nohulumeni wakuleli, sokuthenga imigomo yeCovid-19 evela emazweni ase-Europe kuphela, ekubeni ikhona eyaseChina neyaseRussia etholakala ngamanani angcono.