UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele othembise ukuthi luzoxazululwa nonyaka udaba lokubulawa kukaSenzo Meyiwa. Isithombe: Ayanda Ndamane African News Agency (ANA)

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ufunga uyagomela ukuthi amaphoyisa azothola izimpendulo ngecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSenzo Meyiwa.

UCele uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lwe-eNCA iCrime Watch ngoLwesithathu.

“Ngisasho namanje ukuthi udaba lukaSenzo Meyiwa luzoxazululwa kungekudala...nakanjani kungenzeka lokho ngaphambi kukaKhisimusi, ngisho nangaphambi kwePhasika,” kusho uCele kulolu hlelo okudingidwa kulo isihlava sobugebengu kuleli.

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa eVosloorus eGoli ngo-Okthoba ngonyaka ka-2014 kubo kowayeyintombi yakhe uKelly Khumalo.

Ngesikhathi luqalwa phansi uphenyo ngokubulawa kukaMeyiwa abantu abaningi baba nethemba lokuthi kungase kuboshwe abasolwa maduze kwazise ngisho umngani wakhe uMnuz Mthokozisi Thwala waphumela obala okokuqala ngqa ngalolu daba.

FUNDA: 'Ningalindela okukhulu okuzovela' - Umngani kaMeyiwa

UThwala, okwabayisithupha okuthiwa babesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa, nyakenye ngoJuni waveza ukuthi abantu bangalindela okukhulu okuzovela.

“Ningalindela okukhulu okuzovela. Ilokho nje engingakusho okwamanje njengoba kunophenyo,” kusho uThwala ngesikhathi kunemidlalo yokukhumbula uMeyiwa eMlaza.  

Kusukela enza le nkulumo uthwala sekuphinde kwadlula izinyanga kungakaboshwa muntu kuleli cala.