EMUVA kwesikhathi eside izakhamuzi zaseMhlathuze zikhala ngamanzi sezizoba nompompi emakhaya. Lokhu kuvezwe umasipala ngesikhathi wethula izinhlelo zentuthuko zomkhandlu okubalwa amanzi, izindlu eziwu-10 000, umgwaqo nengqalasizinda.
UMhlathuze wethule isakhiwo samanzi esizomumatha umthamo wamanzi owu-3 mega litres okuwu-3 million wama-litre amanzi nokuthathe izinyanga eziyishumi ukuthi kwakhiwe leli thangi elikhulu eSomopho, eNtambanana. Ngala manzi kuhloswe ukuthi akwazi ukuphakela izakhamuzi kuma-ward amathathu. Kuzokhumbuleka ukuthi lo masipala uke wabhekana nengcindezi izakhamuzi zikhala ngokuntuleka kwamanzi nokwenza kube nohlelo lwezimoto ezihambisela umphakathi amanzi.
Imeya yaseMhlathuze uMnuz Mduduzi Mhlongo ithe ukusheshiswa kwaleli thangi kuzosiza kakhulu ekwandiseni nesibalo samanzi abantu abawathola mahhala. Lo masipala uveze ukuthi abantu ubahlinzeka ngamanzi awu-6000 litres amahhala nokuzoshintsha konke lokhu ngoJulayi 1 bathole u-10 000 litres. Kuzokwakhiwa nendawo ekuzophehlwa kuyo amanzi asuke eHillview adlule eSomopho bese eyophakela nethangi elizokwakhiwa maduze ukuqinisekisa ukuthi kuqambe kushaya u-2025 zonke izakhamuzi seziwakha egcekeni amanzi Kwahlaza, Entambanana naseMacekane.
"Sizokwenza isiqiniseko sokuthi izidingo zihlinzekwa ngezinga eliphezulu nokwenza sakhe izakhiwo zamanzi ukuze agcine egcekeni kungabi ukuthi alethwa ngezimoto. Umasipala ufake imali engaphezulu kwekhulu lezigidi nesithemba ukuthi abantu bazobambisana nathi kungalimali ingqalasizinda nemisebenzi kube eyabantu basemphakathini kungaze kube neziteleka," kusho imeya.
Izakhamizi ziveza ukuthi zikuthakasele ukuthi kube nohlelo oluqondile lokuphakela amanzi kulo mkhandlu nezifisa lusheshe lolu hlelo. Omunye wezakhamuzi ezakhelene kakhulu nethangi lamazi elizogcina amanzi azophakela zonke lezi zindawo uMnuz Sibusiso Hlongwane waseSomopho esigodini saseNingizimu uthe uyafisa ukubhekelwa nezakhamuzi ezizohlinzekwa kuqala. Lokhu uthe kuzomsiza aphumule ukuhamba ibanga elide eyogada imoto yamanzi ngoba uma kwenzekile yamphutha ugcina esehamba ibanga eliphindiwe.
"Ngeke ngibatshele ukuthi abaluhambise kanjani uhlelo lwabo kodwa kungangijabulisa ukubalwa nabazosizakala kuqala njengoba ngiseduze nethangi. Okunye engifisa bakubheke kahle ukuthi njengoba lisondele kangaka alizoba yini nobungozi ngoba nginovalo, "kusho uHlongwane.
Okhulumela umasipala uMnuz Mduduzi Ncalane uthe bayawamukela umbono kaHlongwane bazoqinisekisa ukuthi ongoti bayamvakashela ukuze kucubungulisiswe kahle.