UDABA lokwanda kwezigameko zokudutshulwa nokubulawa kwezinduna, lungolunye oluzobhungwa wumhlangano wekhabhinethi yaKwaZulu-Natal, iLekgotla.
Lo mhlangano oqale izolo, kulindeleke ukuthi uphume nesisombululo kulokhu kubulawa kwezinduna okudla lubi kulezi zinsuku.
Lokhu kudalulwe wuNdunankulu uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula umhlangano ohanjelwe ngongqongqoshe beminyango ehlukene kahulumeni wesifundazwe, izimeya zomasipala bezifunda kanye nezikhulu eziphezulu eminyangweni kahulumeni wesifundazwe.
Izinduna eziningi esifundazweni zilala obenyoni njengoba sekudutshulwe, kwabulawa izinduna ezingaphezu kuka-25, kusukela ngo-2019. Ukwanda kwezigameko zokubulawa kwezinduna zekudale ukuthi inhlangano yezinduna Ubumbano Lwezinduna, inxuse ukuba uhulumeni wesifundazwe aqale ikhomishini ezophenya ngokubulawa kwezinduna.
UMnuz Phakamani Dlamini wale nhlangano, uthe unethemba lokuthi lo mhlangano uzonquma ukuthi kusungulwe lekhomishini.
“Sizobeka phambili ubufakazi nembangela yokubulawa kwezinduna uma sekusungulwe ikhomishini. Siyazazi izizathu zokubulawa kwezinduna, ” kubeka uDlamini.
UZikalala uthe nakuba kuthe ukwehla kancane ukubulawa kosopolitiki, kepha bakhathazekile ngesibalo esiphezulu sokubulawa kwezinduna namakhosi.
“Sibona sikhula ngendlela eyisimanga isabalo sezinduna namakhosi ababulawayo. Lolu daba kufanele lusukunyelwe ngokushesha,” kusho uNdunankulu.
UZikalala uthe bazozama ukuhlanganisa amasu okudala ukuthula embonini yamatekisi.
“Imboni yamatekisi ilokhu ibhekene nodlame isikhathi eside. Imboni yamatekisi iyibhizinisi eligcwele kakhulu abantu abamnyama, nokuyibo abakhahlanyezwa yilolu dlame. Uma sifuna ukuba nozinzo kulesi sifundazwe, kufanele sibhekane nodlame lwamatekisi.”
Lo mhlangano ozophothulwa namhlanje, kubhekeke ukuthi uqhamuke namaqhinga okutakula omasipala besifundazwe abangaphansi kweso lomlawuli. Bangu-11 omasipala abangaphansi kweso lomlawuli.
Kulabo masipala kubalwa uMsunduzi, uMzinyathi, Mtubatuba, iNquthu, uMkhanyakude nabanye.
UZikalala uthe njengohulumeni wesifundazwe, kumele bathole amasu okutakula omasipala abakhungethwe yizinkinga. Umhlangano uzobuye ugxile ekudalweni kwamathuba emisebenzi, ukulwa neCorona, ukulwa nobugebengu nokuhanjiswa kwezidingo ezinjengamanzi nogesi kubantu.
Lo mhlangano uza sekusele isikhathi esingaphansi kwesonto uZikalala ethule inkulumo yesifundazwe iState of the Province Address, azoyethula ngesonto elizayo. Ezinye zezinto ezibhungwa kulo mhlangano kulindeleke ukuthi azimemezele kwinkulumo yakhe uZikalala.