UZOQHUBEKA ahlale ezitokisini uNgizwe Mchunu, njengoba kulindeleke ukuthi uMbuso nabameli bakhe baqhubeke nokwethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli, kwisicelo sakhe sebheyili.
UNgizwe ubhekene namacala amathathu okukhona kulo elokususa udlame emphakathini namabili okuphula imigomo yokuvikela ukusabalala kweCovid-19.
NgoLwesithathu uMbuso uvezele inkantolo ubufakazi bokuthi akumele uNgizwe adedelwe ngebheyili njengoba eyingozi kungenzeka ukuthi eqe kuleli.
Kuvele ukuthi unencwadi eyimvume yokuhambela amanye amazwe ephelelwa isikhathi ngo-2026.
Uphinde abe neVisa yokuyohlala e-United States of America (USA), futhi useke wahambela amazwe okukhona kuwona iNigeria neDubai.
Icala elithweswe uNgizwe lisesigabeni sokuqala, lapho uMbuso okumele kube yiwona othulela inkantolo izizathu zokuthi kungani umsolwa kungamele akhululwe ngebheyili.
IMantshi ibanqabelile abezindaba ukuthwebula isicelo sebheyili kaNgizwe kodwa yavuma ukuthi babhale ngokuqhubekayo ngaphakathi.
Abalandeli bakaNgizwe akade bezomeseka okubalwa kubo Igcokama Elisha nomndeni wakhe, bebebhikisha ngaphandle kwenkantolo belindele ukuthi bagoduke naye.