Izindaba

Luyaqala uhlelo lokwakhela izindlu abagilwe izikhukhula

Khulekani Maseko|Published

UNDUNANKULU KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, yiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, nekhansela eResevoir Hills, uNksz Alicia Kissoon, ngesikhathi kwethulwa indawo okuzokwakhelwa kuyo abakhahlanyezwe yizikhukhula, izolo Isithombe: THEO JEPTHA/ANA

SELUQALILE uhlelo lokuhlolwa kweziza okuzokwakhelwa khona abakhahlanyezwe yizikhukhula eThekwini, iningi labo abasakhoseliswe ezakhiweni zomphakathi emva kokucekeleka phansi kwemizi yabo.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, kwethulwa indawo okuzokwakhiwa kuyo izindlu zesikhashana, eReservoir Hills, uNdunankulu waseKZN, uMnuz Sihle Zikalala, uthe ziyisishiyagalombili izindawo eseziqokiwe eThekwini, ezilungiselelwa ukuthi kwakhiwe kuzo izindlu zesikhashana ezingu-1 074.

“Isifundazwe sinezikhungo ezikhoselise umphakathi okhahlanyezwe yizikhukhula ezingu-84. Ezingu-44 kuzona, abahlala kuzo sebevele batholeliwe indawo abazokwakhelwa kuyo.

“Izindlu ezizokwakhiwa, ziyisixazululo sesikhashana, okuzothi ngokuhamba kwesikhathi, bakhelwe izindlu abazohlala kuzo ngokugcwele kuzona lezi zindawo zikahulumeni abahlala kuzo,” kusho uZikalala.

Izikhukhula zacekela phansi imijondolo ekuAnnet Drive, kanti kuthiwa bathathu abaguguleka nemfucuza, ababili babo batholwa sebeshonile kwathi ingane eneminyaka eyisishiyagalombili, yangatholwa.

UZikalala uthe izindlu zesikhashana ezizokwakhiwa kule ndawo ezingeke zibhekelele kuphela ababalelwa ku-60 abasuswa kule mijondolo bakhoseliswa eTruro Hall, eWestville, kodwa kuzothathwa nabanye abasala baqhubeka nokuhlala kulezi zakhiwo ezisosebeni lomfula.

Uveze ukuthi bekunezinkinga ngokutholwa kwezinye izindawo okuzokwakhelwa kuzo abakhahlanyezwa izikhukhula njengoba ezinye zezakhamizi bezimasha zigxeka ukwakhelwa kwabantu ezindaweni eziseduze kwemizi yazo, zikhala ngokuthi kuzokwehlisa intengo yemizi.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu eKZN, uMnuz Jomo Sibiya, ugcizelele ukuthi uhlobo lwezindlu zesikhashana olwakhiwayo, lunikeza isithunzi esifanele kubantu yize lenzelwe ukukhoselisa imindeni ekhahlamezekile.

“Abantu abalele emahholo badinga isixazululo manje. Ngakho ukungenelela kukahulumeni ukuthi abantu basuswe ezikhungweni zomphakathi, bakhelwe izindlu zesikhashana ezinesithunzi esibafanele ezindaweni eziqokiwe, okuzothi ngokuhamba kwesikhathi bakhelwe izindlu ngokuphelele.

“Siyaqonda ukuthi kukhona ababekade bezilindile izindlu, abakhoseliswe kwezingolindela, kodwa abakhahlanyezwe yizikhukhula bekudingeka ukungenelela ngokushesha ngoba bona abasalanga nalutho ngakho kubekwe eqhulwini ukuthi kuqalwe ngabo,” kusho uSibiya.

Ezinye izindawo okuvele ukuthi kuzokwakhiwa kuzo lezi zindlu, iseCottonlands, eVerulam, okuzokwakhiwa kuzo ezingu-356, eNtuzuma ezingu-138, Roodekrans ezingu-99, Pemilton ezingu-80, ise-Uitkoms, eKlaarwater, eLange Fontein, naseNtshongweni.