SIGQEMEKE udume lwengozi isiqumama saseThekwini, uNksz Shauwn Mkhize emva kokuphuma kwesinqumo senkantolo esigunyaza ukudliwa kwenkampani yaso iZikhulise Cleaning Maintanance and Transport Services. Kuthiwa ukweleta imali yentela kanti, uma engayikhokhi kuzodliwa inkampani kudayiswe impahla, ukuze kubuye le mali.
Inkampani iyaziwa ngokuthola amathenda kuMasipala weTheku, okwakha izindlu nokunye. UNksz Mkhize wodumo lohlelo KwaMaMkhize oludlala kuMzansi Magic (161) ubeshade noSbu Mpisane kodwa wagcina uchithekile umshado, njengoba esebuyele esibongweni sakhe.
Isikhungo esiqoqa intela iSARS, sithumele isitatimende sizishaya isifuba ngomsebenzi waso, siveza ukuthi iNkantolo eNkulu iNorth Gauteng, ikhiphe umyalelo wokuthi idliwe inkampani. Indaba kuthiwa isukela ekutheni inkampani igweme ukukhokhela intela yaze yaqonga yafika ezigidini zamarandi, kwaphoqa ukuthi iSARS isukume, ifune le mali.
Isinqumo senkantolo siphume kuleli sonto ngemuva kokuthi udaba seludonse isikhathi eside. Impi phakathi kwaMaMkhize noSARS iqale ngo-2018 ngesikhathi bedla impahla yalo mndeni kwafakwana ezinkatolo, njengoba ize ixazululeka manje.
Inkampani ike yazama ukuphikisana neSARS yaya enkantolo kodwa lwagcina lugobile uphondo ngoba nomqoqi wentela kade engazibekile phansi elwa ngabameli bakhe.
UKhomishana weSARS u-Edward Kieswetter, esitatimendeni ucashunwe ethi bazibophezele ukwenza konke okusemandleni belandela nomthetho ukuqinisekisa ukuthi baqoqa intela ngendlela efanele.
“Sizohlala siqinisekisa ukuthi siyabhekana nabo bonke labo abagwema ukukhokha intela. Isinqumo senkantolo kufanele sikhombise bonke abantu ukuthi imiphumela yokubalekela intela iba mibi kakhulu,’’ kusho uKieswetter
UNksz Mkhize uthe: “Sisitholile isinqumo senkantolo izolo, sisazinika isikhathi sokusicwaninga kodwa sinawo umbono wokuthi sisedlulisele phambili.”