I-SOUTH African Breweries (SAB) isinqume ukuluyisa enkantolo udaba lokuvalwa kokudayiswa kotshwala ngemuva kokuthi uhulumeni ezishaye indiva iziphakamiso zayo.
Izolo, iSAB imemezele ukuthi bawu-100 000 abasebenza embonini yotshwala abazophelelwa wumsebenzi ngenxa yokuvalwa kokudayiswa kotshwala kulo nyaka.
Iveze ukuthi ngonyaka odlule bangaphezu kuka-165 000 abantu abaphelelwe wumsebenzi embonini yotshwala emuva kokuthi uhulumeni evale ukudayiswa kwabo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba iSAB, ithe iyahambisana nemizamo kahulumeni yokunciphisa ukutheleleka kwabantu ngeCovid-19 kodwa ukuvalwa kotshwala isikhawu sesithathu, akulungile.
Ithe ngoDisemba 28 yaphakamisa ukuthi uhulumeni aqinise umthetho ukuvikela abantu kwiCovid-19, ehlise izinsuku namahora okudayiswa kotshwala.
Iveze ukuthi yaphakamisa nokuthi bungaphuzelwa emathaveni nakwezinye izindawo ezibudayisayo kodwa buphezelwe emakhaya.
“Uhulumeni neNational Coronavirus Command Council (NCC) bazishaye indiva iziphakamiso zethu. Asikholwa ukuthi kusemthethweni ukuvala utshwala kulesi sikhathi samanje uma ubheka umthelela omubi kwezemisebenzi yabantu, emnothweni nasekuqoqweni kwentela. Siyathanda ukusebenzisana nohulumeni kodwa asineme ngesinqumo sakhe. Sifuna kube yizinkantolo ezisilamulelayo kulesi simo,” kusho abakwaSAB.
Bathe ukuvala ukudayiswa kotshwala kuphuca abantu baseNingizimu Afrika ilungelo labo lokuphuza ngendlela ehlelekile emizini yabo.
Yize beyisa uhulumeni enkantolo kodwa bathe bazimisele ukusebenzisana naye ngaso sonke isikhathi njengoba bekwazi ukumnika iziphakamiso azizibile.
“Sicela uhulumeni asebenzisane nemboni yotshwala ngoba ukuvala ukudayiswa kwabo akusona isisombululo kodwa ukuqinisa umthetho yikona okungasiza. Siyaqhubeka nemikhankaso yethu yokufundisa abantu ukuthi baphuze ngendlela ehlelekile,” kusho abakwa-SAB