Ngempelasonto abantu bakhale ngemali yabo ethathwe kuma-akhawunti abo ngaphandle kolwazi lwabo.
Abanye kuvele sengathi bayikhokhele kabili impahla akade beyithengile.
ICapitec ikhiphe isitatimende ichazela abantu ukuthi kube nenkinga yezobuchwepheshe kodwa imali izotholakala kungakapheli amahora awu-24.
Ithe isiqale uphenyo ngoba kunelinye ibhange elithintekayo ngakho izophenya ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi leli bhange lithikameze ukusebenza kobuchwepheshe baseCapitec.
Abantu bafake izikhalo kwiFSCA nasebhange labo iCapitec.
Izolo iFSCA ithe umbiko uveze ukuthi kube nezingqinamba zobuchwepheshe eNedbank ezigcine sezithinta amakhasimende akwaCapitec Bank.
“I-FSCA iqinisekisiwe ukuthi imali isibuyiselwe kubantu abathintekayo futhi ngeke bahlawuliswe izindleko zasebhange ngokwenzekile. Uma kukhona abantu abangakayitholi imali yabo sicela bafake isikhalo ku-banking ombudsman,” kusho iFSCA.
Imininingwane ka-banking ombudsman itholakala ku-www.obssa.co.za
Ithe izoqhubeka nezingxoxo nabamabhange ukuze ibone ukuthi ayawulandela umthetho owengamele nokuthi lokhu akwenzeki ngokuzayo.