KUBOSHWE owesifazane oneminyaka engu-50 osolwa ngokuthumba usana aluthatha kunina owayesanda kuteta esibhedlela iKing Edward VIII ngoNovemba 2021.
Lo wesifazane uboshwe eMgababa, ngoMsombuluko.
Uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla, wadedelwa ngebheyili kaR5 000, icala lakhe lahlehliselwa uMashi 1.
Usolakala ngokuthumba usana olwalunezinsuku eziyisithupha luzelwe njengoba kuthiwa wafike wakhohlisa unina, uNksz Elizabeth Zama, wathi uzombambela lona, akangene esitolo ayolukhithizela.
Kuthiwa ngoNovemba 22 lona wesifazane wazenza umngani kaNksz Zama amfica emi esitobhini elinde ibhasi ngaphandle kwasesibhedlela, wacela ukumthengela ukudla nezimpahla zokugqoka zengane.
Kuthiwa bagibela itekisi baya enkabeni yedolobha eThekwini okwathi uma befika umsolwa wacela ukubamba usana ngesikhathi uNksz Zama engena esitolo eyothenga izimpahla.
Kwathi uma ephuma wafika lapho abebekade bemi khona sekukhala ibhungezi.