I-ANC KwaZulu-Natal kuthiwa iphansi phezulu, izama ukuthi ilungiswe ngaphandle kwezinkantolo indaba yezikhulu zayo ezitholane phezulu, esinye saze sakhomba esinye ngesibhamu, ngesonto eledlule.
IPhini likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, obuye abe nguNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, umangalele uzakwabo ngokumkhomba ngesibhamu.
Isolezwe ngeSonto libike ngempi kaHlomuka noMnuz Arthur Zwane, okuthiwa baxabane kwaze kwakhishwa isibhamu emahhovisi eqembu eThekwini, abizwa ngeDr Pixley kaSeme House.
Kuthiwa uHlomuka noZwane bafikisane emandleni kubuka ubuholi besifundazwe kwaze kwakhuzwa, kwancengwa uZwane ukuba abeke phansi ivolovolo.
Konke lokhu kwenzeke ngesikhathi kunomhlangano oba njalo ngoMsombuluko lapho kusuke kuxoxwa khona ngezesifuba sombutho obusayo. Kuthiwa uZwane ungene ethukuthele eveva, efuna uHlomuka.
Icala livulwe emaphoyiseni eDurban Central emuva kokuba kusuke isidumo.
Izimpukane eziluhlaza zibika ukuthi ubuholi buzama ukuthi indaba ilungiswe yi-ANC, ingahambi ixoxwa ezinkantolo ngoba kwesatshwa ukuthi ingase ihlambalaze umbutho. Kuthiwa ithimba elizama ukulungiswa liholwa wuSihalo wenhlangano, uMnuz Sihle Sikalala obuye abe nguNdunankulu wesifundazwe.
Okhulumela i-ANC esifundazweni, uMnuz Ricardo Mthembu, uthe i-ANC inendlela yayo yokulungisa izindaba zayo. Uthe kabathandi ukuthi izinto zabo zenzeke budlabha ngoba bukhona ubuholi.
“USihlalo, yiPhini lakhe noMgcinimafa bamatasa nalo udaba, bazama ukuthola kahle ukuthi kwenzenjani phakathi kwamaqabane. Ngeke siphoqe muntu ukuba asule icala, kuyaxoxwa nje futhi uma kukhona obona ukuthi kufanele luye enkantolo ngeke simvimbe,’’ kuchaza uMthembu
Uthe wudaba olubucayi, okufanele lusingathwe ngobunono bekati.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker ngesikhathi sokuloba, uthe icala belingakasulwa lusekhona uphenyo, lusaqhubeka.