IZOLO yize bekugujwa uSuku loBaba kodwa lugcine seluphetha kabi kuvuka amaminithi kwabesifazane abanobaba bezingane abasolwa ngokungondli izingane. Kuze kube namhlanje isalokhu uqhubeke njalo umsindo mayelana neFather's Day kwiTwitter neFacebook, babodwa abathi kumele luvalwe lolu suku ngoba abesifazane bagcina beluphendula inkundla yokuthetha amacala oyise bezingane abangenzi kahle. Lokhu abesilisa bakhala ngokuthi kuze kugqibe nemisebenzi yobaba abenza kahle.
Izakhamuzi zakuleli yize zijwayele ukubhunga ngezinto ezifunze lezi nokuphikisana ngezimo zempilo, kodwa lolu suku lubukeka sengathi kulo nyaka lwehluke kakhulu ungafunga ukuthi bebeluqabuka abesifazane. Babodwa abathi kungcono kugqanyiswe omama abazikhulisela izingane ngabodwana nokuyinto abangafuni nakuyizwa abesilisa bathi abesifazane banayo iMother's Day yokwenza lokho. Babodwa abesilisa abathi sebejahe kuphinde kubuye uSuku loMama ngonyaka ozayo ukuze baziphindiselele kwabesifazane ngokugxibha obaba bezingane. Babodwa abesifazane ebebegxile kwisimilo soyise bezingane zabo bebakhumbuza ngokubaluleka kokuhlale bevakashela emtholampilo ngoba bebasola ngokungabi nasimilo.
" Inini iMother's Day, ngeke umuntu ugudlwe kakhulu namhlanje," kuzikhalela uSahluko Mahenyene kwiFacebook .
" BekuyiFather's Day kodwa abesifazane yibona asebenameka izimbali nezipho. Amadoda awekho kule lizwe," kubabaza uVictor Ndaba kwiTwitter.
Babodwa ebebelokhu betuse njalo inhlangano ekhipha izibonelelo zikahulumeni iSassa ngokulekelela abazali abanezingane ezingondliwa oyise.