INHLANGANO ebhekele ukuncintisana okuhle, iCompetition Commission, isiludlulisele eNkantolo yoMthethosisekelo udaba lwamabhange asolwa ngokuntengisa iRandi.
Ngo-2020 iCompetition Commission yaludlulisela kwiCompetition Tribunal, udaba lokuthi kunamabhange awu-28 akuleli nawaphesheya ayesebenzisana ukuntengezelisa iRandi.
La mabhange acelwa ukuba aziphendulele ngezinsolo ngoMashi wonyaka odlule. Adlulisela udaba lwawo eNkantolo yamaCala aDlulisiwe okuncintisana.
Emuva kwalokho amabhange awu-17 kwavela ukuthi awasangeni odabeni lokutshekiswa kweRandi.
Amabhange amane kuphela ayalelwa ukuba aziphendulele ngezinsolo, okuyi-BNP Parbas, JP Morgan Chase and Co, HSBC Bank Plc neCredit Suisse Securities (USA) LLC.
UMnuz Siyabulela Makunga obhekele ezokuxhumana kwiCompetition Commission, uthe badlulisele udaba eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba bafuna amabhange aziphendulele.
Uthe abantu bakuleli kufanele balazi iqiniso ngezinsolo ezibekiswe kula mabhange.
Amabhange asusiwe ohlwini lwawokufanele aziphendulele yiBank of America, Merrill Lynch International Designated Activity Company, JP Morgan Chase Bank N.A, Australia and New Zealand Banking Group Limited, Nomura International, PLC, Commerzbank AG, Macquarie Bank Limited, HSBC Bank, USA National Association, Merrill Lynch Pierce Fenner &Smith Inc, National Association neStandard Americas.
Uthe ngeke baludlulise udaba lokukhishwa kweNedbank Group Limited, First Rand Limited, Credit Suisse Group neStandard New York Securities.
Uveze ukuthi i-Absa Bank Limtied, Barclays Capital neBarclays Bank bacele ukuxegiselwa isigwebo.
ICitibank NA neStandard Bank sebelulungisile udaba lwabo neCompetition Commission. I-Investec Bank Limited isalindeleke ukuba iziphendulele.
Kulindeleke ukuthi isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sicacise ukuthi izinhlangano ezibhekele ukuncintisana zinalo yini igunya lokungenela ezindabeni ezithinta amabhange akuleli.