AKWAZIWA ukuthi uzophuma nani umhlangano wendlunkulu okuthiwa uzohlala namuhla lapho kuzoxoxwa ngesihlalo seSilo, okumanje kuhleli kuso iSilo uMisuzulu kaZwelithini Isithombe : SIGCINIWE
UNGENA namuhla umhlangano weNdlunkulu kaZulu, ozobe udingida inzukazikeyi yodaba lwesihlalo seSilo, esibangwayo. Lo mbango uqale ngemuva kokukhothama kweMbube, uZwelithini kaBhekuzulu.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongaphakathi eNdlunkulu, ukuthi kuzobe kuphume zonke izindlu zizobhunga ngalolu daba namuhla. Abakhuluma ngomhlangano abaphumeli obala ngendawo nesikhathi kodwa bathi wona ukhona.
Isilo sikhothame ngoMashi kulo nyaka sisesibhedlela eThekwini, salandelwa wuNdlunkulu Mantfombi MaDlamini Zulu. Emuva kwalokho kumenyezelwe iSilo uMisuzulu kaZwelithini, kwase kusuka umbango kwaze kwafakwana enkantolo.
Indlunkulu iya kulo mhlangano nje, kuthiwa udaba lwesihlalo selusingethwe nguMengameli Cyril Ramaphosa. Imithombo ithi uRamaphosa unqume ukuthi kume ukukhishwa kwesitifiketi seSilo, kuze kuxazululwe udaba enkantolo.
URamaphosa ujube uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, ukuba abheke udaba lwasendlunkulu. Lokhu kudalulwe wuhulumeni waKwaZulu-Natal esitatimendeni lapho obumemezela khona ukuthi, udaba selusezandleni zikamengameli.
Lo mhlangano wendlunkulu kuthiwa ubhekwe ngamehlo abomvu ngoba uzoxoxa ngesihlalo seSilo esibangwayo. Okhulumela iNdlunkulu kaZulu uMntwana uMbonisi Zulu, uthe ukhona umhlangano kodwa bacela ukunikwa isikhathi.
“Umhlangano uzoba ngeSonto kodwa animenyiwe nina bezindaba, wudaba lomndeni. Indaba yesitifiketi seSilo asiyazi cishe nayo izobekwa kahle emhlanganweni siyizwe sonke,’’ kusho uMntwana Mbonisi, onqabile ukwanda ngeminye imininingwane.
UMntwana uThulani ongumsizi weSilo, abewuMkhulumeli waso uthe kade enohambo engekho ekhaya akanalo ulwazi ngomhlangano.
“Konke lokho nodaba lokuthi izinto sezikumengameli angikwazi kahle ngikubona ephepheni nje. Ngokwazi kwami iSilo siyaqhubeka nemisebenzi ngokwejwayelekile,’’ kusho uMntwana uThulani.