LIZOQULWA icala likaMampintsha uma yena noBabes Wodumo, owammangelela ngokumshaya, bengazethameli izithangami zokwelulekwa wosonhlakalahle beFamily and Marriage Society of South Africa (Famsa).
Lokhu kushiwo yiMantshi uPillay (igama layo eligcine lingatholakalanga) eNkantolo ePinetown izolo lapho uMampintsha evele khona.
UMampintsha usolwa ngokushaya uBabes esehlweni esabonakala kwi-video sasabalaliswa bukhoma kwi-Instagram.
Umshushisi uNdoda January, utshele imantshi ukuthi ngokudlule icala laguqa ngenxa yokuthi kwavunyelwana ngokuthi ummangali nommangalalelwa bazoyobona iFamsa.
“Lezo zithangami azikapheli.”
Uthe ngokukasonhlalakahle kusamele babe nezithangami ezintathu ngaphambi kokuthi enze umbiko. Okwamanje sinye.
“Kuwumshophi ukuthi ummangali uyagula. Ubecabanga ukuthi uzobe esengcono kodwa ukugula kwamqinisa,” kusho umshushisi.
Uthe akanaso isiqiniseko sokuthi unani. Imantshi ithe kumele eze nencwadi kadokotela uma udaba selubuyela enkantolo ngoJulayi 9. Umshushisi uzoxhumana nommangali ngalokhu.
Imantshi ibe isiyalela uMampintsha ukuthi abuye enkantolo ngoJulayi 9 ekuseni ngale kwalokho uzophucwa ibheyili yakhe avalelwe.
“Khumbula, kubalulekile ukuthi yena (Mampintsha) nommangali bathamele izithangami zeFamsa. Uma bengazithameli, icala lizoqhubeka lithethwe,” kusho imantshi.
UMampintsha obehambisana nomdansi wakhe, uPhila Tshomela, ubebukeka ekhululekile efake ijini nejakhethi emnyama.
Ngemuva kokuguqa kwecala uphume eqhuga nommeli wakhe uPat Magwaza, bakhuluma nabezindaba.
UMagwaza uthe banethemba lokuthi kuzoshaya uJulayi 9 sebeqedile neFamsa bese udaba luyasongwa.
Uthe uMampintsha akathukile ngokuthi icala lingase libuyele enkantolo luyoqulwa.