SELUBEKIWE usuku okuzoqalwa ngalo ukuqulwa kwecala lenkohlakalo elibhekene nalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma nenkampani yezikhali yaseFrance iThales.
NgoLwesibili ekuseni inkantolo eNkulu eMgungundlovu imemezele ukuthi leli cala lizoqala ngoMeyi 17 nonyaka kwazise abamangalelwa kanye nabashushisi sebeveze ukuthi sebekulungele ukuqala. UJaji Nkosinathi Chili umemezele lolu suku kodwa waveza ukuthi kusangenzeka luguquke uma kuphazamisa izimo zeCovid-19.
UZuma neThales babhekene namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokushushumbisa imali ahlobene nesivumelwano senkontileka yezikhali.
Kuleli cala iThales imelwe wu-Adv Billy Roux kanti uZuma umelwe ngu-Adv Rudolph Baloyi.
Abashushisi sebeveze ukuthi banofakazi abawu-217 kuleli cala.