LIYITHOLILE ibheyili iphoyisa elisolwa ngokudubula libulale indodana yalo eneminyaka engu-12 lizitshela ukuthi yisigebengu.
USergeant Hloniphani Luthuli (39), osebenzela esiteshini samaphoyisa esisechwebeni eThekwini, ukhululwe ngebheyili kaR2000 eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo.
UMmeli wakhe, uMnuz Andile Dakela, eqinisekisa lokhu, uthe: “Ikilayenti lami lithole ibheyili kaR2000. Icala lahlehliselwa u-Agasti 16 ukuze kuqhubeke kwenziwe uphenyo.”
Usolwa ngokudubula abulale indodana yakhe, uKwenama Luthuli (12), emzini wabo oseManor Gardens, ngaseMayville. Lesi sigameko senzeka ngeSonto ngezikhathi zasekuseni.
Ngesikhathi evela okokuqala phambi kweMantshi Ashwin Singh, ummeli wakhe wagcizelela ukuthi ikilayenti lakhe linesifiso sokuthi liyithole ibheyili ukuze lizokwazi ukungcwaba indodana yalo.
Ngesikhathi enza izethulo zakhe, uDakela wayelokhu ekugcizelela ukuthi ikilayenti lakhe layidubula ngephutha indodana yalo, lizitshela ukuthi yisigebengu.
Kwavela ukuthi ngosuku lwesigameko umsolwa wayesekhaya nomndeni wakhe ngesikhathi evuswa indodana yakhe imemeza icela usizo.
Kuthiwa wavuka esuka esitezi sesibili sendlu, wehlela kwesingezansi eyobheka ukuthi kwenzekani.
Kwavela ukuthi ngesikhathi ehla, waqaphela amadoda amabili angawazi ngasesangweni maqede waphindela emuva, wayolanda isibhamu sakhe somsebenzi.
Ummeli wakhe waveza ukuthi lokhu wayekwenziswa ukuthi basanda kungenelwa yizigebengu esikhathini esifishane esedlule.
Kuthiwa wathi uma ebuya waqaphela isithunzi somuntu sithi pheshe ewindini, ngokucabanga ukuthi sekuyizo izigebengu, wangabuza mkhuhlane, wadubula.
Kuthiwa waqaphela esedubulile ukuthi lo muntu amdubulayo yindodana yakhe. Kuthiwa wayiphuthumisa esibhedlela eNtabeni elekelelwa ngamanye amalungu omndeni nomakhelwane kodwa yafike yashonela khona.
Kuvela ukuthi wayidubula kane indodana yakhe esifubeni nasonyaweni.
Leli cala, eseliphenywa yi-Independent Police Investigative Directorate (IPID), lihlehlele u-Agasti 16 nonyaka.