UKamogelo Baukudi (19) ofunda uGrade 11 eMartie du Plessis School, utholwe ephila eWepener
Image: X
UKamogelo Baukudi (19) ofunda uGrade 11 eMartie du Plessis School, utholwe ephila eWepener kulandela umkhankaso wokuhlenga obudidiyelwe.
UKamogelo wathunjwa ngoLwesine, mhla ka-5 kuJuni 2025, ngesikhathi esendleleni eya ekhaya ebuya esikoleni emgwaqweni uVerneeniging Drive, eBloemfontein.
Ukunyamalala kwakhe kwadala ukukhathazeka okukhulu kuvela ukuthi imoto ayehamba ngayo yamiswa yi-bakkie eyayihamba amaphoyisa, amthatha anyamalala naye. Lokhu kwaholela ekusungulweni kwethimba elakhiwe yizinhlaka ezahlukene zasesiphoyiseni.
Ngemva kwamasonto ambalwa ophenyo olunzulu, uKamogelo watholakala ephephile futhi watakulwa e-Wepener ezintatha zanamuhla.
Phakathi nalo msebenzi oqhutshwa uphiko lwezobunhloli, kwaboshwa amadoda amahlanu ase-Afrika aphakathi kweminyaka engama-20 no-29. Abasolwa abathathu babanjwe emzini oseKanana Location, eWepener, kwathi abanye ababili babanjwa emgwaqeni ophakathi kweKwetla Location nedolobha laseWepener - nesisulu sikubo. Lokhu kwenza isibalo sababoshiwe kuleli cala sifinyelele kwabayisithupha.
Umsolwa wokuqala, iphoyisa elineminyaka engu-42 ubudala, osezikhindini, uvele enkantolo ebhekene necala lokuthumba nokubamba inkunzi.