Izindaba

Liya enkantolo enkulu elokugqitshwa kowayesebenza ecall centre

Nkosikhona Cele|Published

UMfanafuthi Kunene obhekene nedala lokuthumba abulale u-Ayabonga Mjilo

Image: Facebook

LIDLULELA eNkantolo eNkulu yaseThekwini, icala lowesilisa osolwa ngokubulala agqibe intombazane ngosuku lwangokhisimuzi ngonyaka odlule.

Lokhu kuvele ngoLwesihlangu ngesikhathi uMnuz Mfanafuthi Kunene (37) evele enkantolo yeMantshi yaseThekwini.

UKunene uthweswe uMbuso icala lokubulala u-Ayabongwa Mjilo (24).Umufi nomsolwa babegcine ukubonwa bendawonye endaweni yokudlela eseMhlanga, iCappello, ngoDisemba 24.

Kusolwa ukuthi umsolwa wabulala umufi ngokumklinya ngaphambi kokuba amgqibe esikhotheni esingemuva komuzi wakhe eMaotana, eNanda.Kwavela ukuthi umufi wayesesebenze izinyanga ezinhlanu ecall centre eNutum, eMhlanga lapho uKunene abeyi-Operations Manager khona.

UMshushisi kuleli cala uCalvin Govender utshele inkantolo ukuthi seluphothuliwe uphenyo mayelana naleli cala.''Lonke uphenyo obekumele lwenziwe luphelele manje. Icala selingaqala liqulwe ngoba konke okudingekayo kulona sekuhlanganisiwe,'' usho kanjena ecacisela inkantolo.

Ube esedalula ukuthi ngenxa yaleso sizathu icala selizodluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini.Icala lihlehliselwe uJuni 23 lapho umsolwa ezothola khona usuku lokuya enkantolo enkulu.

Ngaphambilini kwake kwaqubuka izinsolo zokuthi babethandana umufi nomsolwa okuyinto abayichitha abangani bakamufi ngoba bethi umufi belaziwa isoka lakhe.

Kuleli cala sekuke kwafika ngisho uNdunankulu waKwaZulu Natal, uMnuz Thami Ntuli owezwakalisa ukujabha kwakhe ngendlela okubulawe ngayo lo wesifazane.Wabe esekhuza isihlava sokubulawa kwabantu besifazane ethi kumele sinqotshwe ngoba sibonakala sihlalise lubhojozi umphakathi.

Umngani kamufi uNksz Asanda Shobane ngaphambilini watshela Isolezwe ukuthi into yokugcina eyaphostwa ngumufi kwakuyisithombe sesoka lakhe nabo ababelazi. Nakulokho umphakathi ubuphume ngobuningi bawo uzokhapha izihlobo nabangani bakamufi.