UMNDENI usola usomabhizinisi wokufika waseLindelani ngokubulawa kwephara isidumbu salo esitholakale sesonakele KwaDabeka ngempelasonto.
Kuthiwa uMnuz Siyabonga Sigwebela (27), isidumbu sakhe esitholakale sesonakele ehlathini, bese kuphele isonto elahlekile.
Udadewabo uNksz Thola Sigwebela, uthe umfowabo bezwa kuthiwa ubanjwe endaweni okwakhiwa kuyo ama-burglar guards eseLindelani ngoMgqibelo owedlule.
Omakhelwane bakule ndawo bathi umnikazi wakule ndawo nabasebenza naye bamshaya ngoba bemfice ngaphakathi kule ndawo ngesikhathi bezovula.
Uthe ngokuzwa kwakhe bamfaka emotweni bahamba naye, ngemuva kwalesi sigameko uthe akaphindanga wabonakala.
“Kule ndawo besilokhu siya sifike kuvaliwe, uma kuvuliwe kuthiwe owayemshaya akasekho ubuyele kwelakubo ePakistan noma kuthiwe akaziwa. Amaphoyisa nawo sawazisa ngalokho,” kuchaza uNksz Sigwebela.
Uqhube wathi nokuthola inombolo yecala kube wumzukuzuku.
Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uCol Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi isidumbu esitholakale KwaDabeka esikaSigwebela wathi imininingwane ngokushona kwakhe isaphenywa ngamaphoyisa aseNtuzuma.