LITHOLWE lilenga iphoyisa ebelifunwa ngecala lokufa kwendoda eyaduka kade iyophenywa ngamaphoyisa.
UConstable Senzesihle Makhathini (37), obesebenza esiteshini saseMuden, utholwe ngoMsombuluko elenga emzini kayise omncane eCamperdown. Kuthiwa uMakhathini ubehlala eMpolweni, ngaphandle kwaseMgungundlovu.
Ubekade efunwa ngecala lokufa kakaMnuz Mbongiseni Ndlela. UNdlela waduka ngeledlule kade ebizwe esiteshini saseMuden ngecala lokubulawa komunye umuntu.
Isidumbu sikaNdlela size satholwa ngoMsombuluko esigangeni eMuden. Kusolwa ukuthi waklinywa.
Kuthiwa emuva kokuboshwa kwamaphoyisa amathathu ngeSonto ngokufa kukaNdlela, uMakhathini wabaleka wayobhaca kuyise omncane.
Kuthiwa uMakhathini ubhalele umndeni incwadi ethi uyaxolisa ngokuwuphoxa kodwa akachazanga okuningi.
Umfowabo, uMnuz Vela Makhathini, uthe umndeni ngeke uphawule, kunalokho akutholwe umbiko emaphoyiseni.
Okhulumela uphiko oluphenya amacala abhekene namaphoyisa i-Ipid, uMnuz Moses Dlamini, ukuqinisekisile ukufa kwephoyisa ebelisolwa.
“Iphoyisa ebesilifuna ngecala lokubulala eMuden litholwe lizibulele kwase kuvulwa idokodo. Nesidumbu sobulewe eMuden sisitholile,” kusho uDlamini.
Isolezwe lihoshe umoya wokuthi kukhona namanye amaphoyisa angahle aboshwe mayelana necala.
Okhulumela umndeni wakwaNdlela, uMnuz Thabani Ndlela, uthe baphatheke kabi ngokufa kwephoyisa ngoba ngeke besalithola lonke iqiniso.
Umfowabo kaNdlela, uMnuz Phulumuzi Ndlela, uthe kubaduduzile ukuthola isidumbu sikamufi.
“Lapho besilahlwe khona kucashe kakhulu. Siyabonga nokuthi simtholile. Yize kusazohlolwa isidumbu kodwa sithole ukuthi ubeklinyiwe. Kusiphathe kabi kakhulu siwumndeni ukuthi abantu okumele basivikele okungamaphoyisa, yibona abalimaze umfowethu. Sifisa lufike esiphethweni lolu daba,” kusho uPhulumuzi.
Umndeni wakwaNdlela ubonge abantu baseMuden ngokubabhekisa isidumbu selokhu alahleka umufi.
Uthe ufuna bagwetshwe kanzima abasolwa uma sebelahlwa yicala.