ITHOLWE inecala lokwakha itulo lokusoconga owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma noNobhala Jikelele we-ANC indoda yaseSoshanguve, ePitoli, u-Elvis Ramosebudi. Isithombe: EPA

ITHOLWE inecala lokwakha itulo lokusoconga owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma noNobhala Jikelele we-ANC indoda yaseSoshanguve, ePitoli, u-Elvis Ramosebudi.

IMantshi uMnuz Collin Mathitse ilahle uRamosebudi ngamacala amabili okwakha itulo lokubulala.

URamosebudi (35) waduma ngo-2017 emuva kokubhalela uMnuz Ajay Gupta noMnuz Nicky Oppenheimer efuna bamxhase ngoR60 million ukuze asoconge abathile.

Wayebhale ukuthi usebenzela inhlangano ebizwa nge-Anti-State Capture Death Squad Alliance ne-Anti-White Monopoly Capitalist Regime.

Kule ncwadi ayebhale ukuthi ivela kwi-Anti-White Monopoly Capitalists Regime ayeyibhalele uGupta, uRamosebudi wayefuna ukubulala o-Adv Thuli Madonsela owayenguMvikeli woMphakathi, uMnuz Mcebisi Jonas owayeyiphini likaNgqongqoshe weziMali noNksz Vytjie Mentor owayeyilungu lePhalamende.

Incwadi ayeyibhalele u-Oppenheimer, uRamosebudi owathi ivela kwi-Anti-State Capture Death Squad Alliance, kuyona wathi ufuna imali yokusoconga owayenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uNobhalala Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, indodana kaZuma uDuduzane, owayenguNgqongqoshe wezobuNhloli uMnuz David Mahlobo, owayewuSihlalo webhodi lakwaSouth African Airways uNkk Dudu Myeni nowayeyisikhulu sakwa-Eskom uMnuz Brian Molefe.

URamosebudi wathi lezi zincwadi kwakungezona ezangempela wayezidlalela kuzo ngoba wayengenayo inhloso yokubulala abathile.

Yize kunjalo imantshi imthole enamacala.