LIMISIWE emsebenzini iphoyisa lomgwaqo laseMgungundlovu elibonakala kwikhamera yaseNandos leba iselula.
Le video iveza iphoyisa lime kulayini wabathengi isikhashana eduze kwetafula okukhokhwa kulo. Phezu kwalo kunokuthile okubukeka njengeselula. Iphoyisa liqalaza nxa zonke bese lilula isandla liyithathe liyifake ephaketheni, maqede liphume esitolo lihambe.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, umkhulumeli woMnyango wezokuThutha eKZN, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe iphoyisa linikezwe incwadi elimisa emsebenzini.
Uthe lokhu kwenziwe njengoba kuqhubeka khona uphenyo lwangaphakathi emnywangweni necala elivulelwe leli phoyisa esiteshini samaphoyisa.
“Umnyango uqale uphenyo lwawo lwangaphakathi futhi uhlanganile nabaphathi besitolo saseNandos ukuthola ukuthi eyangempela yini i-video? Umnyango ucabanga ukuthatha isinyathelo esinzima njengoba kuvela iphoyisa ligqoke inyufomu yomsebenzi. Iphoyisa linikezwe incwadi yokulimisa emsebenzini,” kusho uNcalane.
Ukumiswa kwaleli phoyisa emsebenzini kulandela ukuthi umnyango ngesonto eledlule ulinike ithuba lokuthi libeke uhlangothi lwalo mayelana nalesi sigameko nokuthi libeke izizathu zokuthi kungani kumele lingamiswa emsebenzini?
Inhloko yomnyango, uMnuz Sibusiso Gumbi, ichaze lesi sigameko njengesihlambalazayo embuthweni wamaphoyisa futhi singcolisa igama lomnyango.
“Siyibheke ngeso elibukhali le video. Okusolakala ukuthi kwenziwe iphoyisa kudicilela phansi igama lomnyango futhi kuhlambalaza indlela yokuziphatha kwamaphoyisa emphakathini. Ngokwesibopho samaphoyisa, akumele abe nogcobho futhi kumele abe yisibonelo esihle ngaso sonke isikhathi, ngisho ngabe kuthiwa awekho emsebenzini,” kusho uGumbi.
Uqhube wathi ukumiswa kwephoyisa emsebenzini kuzothumela umyalezo othi umnyango ngeke uzibekezelele izenzo zenkohlakalo nobugebengu banoma yiluphi uhlobo.
“Sisebenza ngokubambisana namaphoyisa ukuze siqinisekise ukuze kusheshiswe ukuphothulwa kwaleli cala. Sizoqhubeka sibhekisise indlela aziphethe ngayo amaphoyisa ukuze siqinisekise ukuthi aziphethe ngendlela eyamukelekile emsebenzi noma esekhaya. Siyathembisa ukuthi sizobhekana ngqo nanoma yiliphi iphoyisa lomgwaqo elizimbandakanya nezenzo zokukhwabanisa nenkohlakalo,” kusho uGumbi.