LIMISIWE okwesikhashana icala lomfundi (15) osolwa ngokugwaza abulale omunye umfundi esikoleni njengoba kusalindwe ukuphothulwa kophenyo.
Lomfundi ubevele eNkantolo yeMantshi yaseSebokeng ngoLwesibili njengoba icala lakhe belivezwa esibukweni kwazise useneminyaka emincane.
Umsolwa uboshwe ngoMsombuluko emuva kokusolwa ngokugwaza abulale uzakwabo uTshepo Mphehlo (14) ngesikele esifubeni, okuyisigameko esenzeke eThuto-Tiro Comprehensive School ngoMsombuluko.
UMphehlo ushonele esikoleni kanti kubikwa ukuthi ubengumngani omkhulu kumsolwa. Imbangela yengxabano phakathi kwalaba bafundi ayikaziwa.
Okhulumela amaphoyisa eSebokeng uCaptain Fikile Funda uthe ngenkathi umsolwa evela enkantolo ngoLwesibili, icala lbe selimiswa okwesikhashana njengoba kusalindwe ukuphothulwa kophenyo.
“Yize kunjalo, idokodo lizobuyiselwa enkantolo futhi nomsolwa uzobizwa ukuzovela enkantolo ukuze azobhekana necala lokubulala,” kusho uFunda.
Ekhuluma nephephandaba iThe Star ngoMsombuluko, obefunda nomufi ekilasini uthe ubezitshela ukuthi umufi nomsolwa bayazidlalela, kodwa abafundi baqale ukunaka ngenkathi bebona umufi esephuma igazi.
“Simphuthumise egumbini labantu abagulayo. Ngenkathi esembhedeni ubehluleka ukuphefumula. Amehlo akhe abevuleke kakhulu, ulimi belugoqana wabe esephefumula kakhulu okokugcina,” kuchaza umfundi.
UMqondisi wesifunda iSedibeng West uMnuz Victor Thetha uthe ngesikhathi kufika abosizo oluphuthumayo esikoleni, ithimba lezokwelapha beseliqinisekisile ukuthi umfundi useshonile.