Izindaba

Limgojela owokufika owabulala ngesihluku intombi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Limshonele owabulala intombi yakhe eyigwaza ephindelela

Image: Pexels

U-Aaron Matete, 23, ongowokudabuka eLesotho, ulahlwe yicala lokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-29, uMpho Gift Mphatsoe, kanye nokwephula iSigaba 49(1)(a) somthetho we-Immigration Act ka-2002.

Inkantolo yeSifunda eStilfontein iphinde yaveza ukuthi akakulungele ukuba nesibhamu. Lesi sigameko senzeka ngomhlaka-12 Okthoba 2024, kulandela ingxabano phakathi kukaMatete noMphatsoe emjondolo wabo oseKhuma Location, eNorth West. Ubufakazi obethulwe enkantolo buveze ukuthi uMatete washaya umufi ngebhodlela likabhiya, wamshaya ebusweni. Ngokushuba kwengxabano yabo, wamgwaza ngommese ekhanda nasentanyeni ephindelela, wagcina ngokushona.

Ngemuva kokuhlasela ngesihluku intombi, uMatete washiya isidumbu sikamufi endlini ebusuku wabe esebikela umama kaMphatsoe Waze wabona indodakazi yakhe ngakusasa ekuseni isithule. Amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko, athola isidumbu sinamanxeba amaningi okugwazwa lwaqala lapho uphenyo nomkhankaso wokuthungatha umsolwa.

UMatete waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa wagqunywa esitokisini ngesikhathi kuqhubeka icala. Yize aliphika icala kodwa lagcina limgojela ngenxa yobufakazi obuqand’ ikhanda obuholwa ngabashushisi.

Ekwengezeni kwesigwebo, uMshushisi woMbuso uChris Kok unxuse inkantolo ukuthi ingagudluki kwinqubo yesigwebo esinqunyiwe, esho nokukhula okushaqisayo kwamacala okubulala. Ubalule nokuthi imijondolo yaseKhuma ibalwa nemiphakathi ebhekene nezinga eliphezulu lodlame olubhekiswe kubulili, kanti abanye abenzi bobubi bekungabakwamanye amazwe okuhlanganisa nabasuka eLesotho.