LIHOXISIWE icala lendoda eyabanjwa izibhucabhuca umphambili ejimini ibe ibuka owesifazane owayezivocavoca enganakile.
Le ndoda (18) yabanjwa igila lo mkhuba eStellenbosch, eWestern Cape.
Yaxoshwa ejimini futhi yadingisiwa kuwo wonke amajimu, kwathiwa ingaphinde ibonakale khona ngenxa yokukhohlakala.
Bakhala ngokuthi isenzo sayo sizodala ukuthi abesifazane bazizwe bengakhululekile ngesikhathi bejima.
IVirgin Active South Africa ikuqinisekisile ukuthi ngeke isaqhubeka necala elavulelwa le ndoda eyaqoshwa kwi-video.
Le jimu ithe ikubona kufanele ukuthi imdingise lona wesilisa nokuthi ayolulekwa ngokwengqondo.
Le ndonda bekulindeleke ukuthi ivele eNkantolo yeMantshi yaseStellenbosch ngoLwesine ngemuva kokuvulelwa icala ngenyanga eyedlule
Kuthiwa owesifazane wayejima eshona evumbuka indoda imbuka izinqe kubonakala ukuthi akusekho okunye ekwenzayo amehlo asethe njo kuyena. Kwi-video kubonakala isandla sayo sinyakaza ngokukhulu ukushesha esikhindini sayo kubonakala ukuthi kukhulu ematasa ngakho.
Iphethe iselula ngesinye isandla ibe imboze ngethawula isingezansi egila kuso umkhuba. Lo obethwebula wafaka ezinkundleni zokuxhumana ethi kufanele ivele obala le ndoda.