INKANTOLO yeMantshi yaseNkandla inqume ukuhoxisa icala lokuphulwa kwemigomo yomvalelandlini ebelibekwe izikhulu zikamasipala ngesikhathi zivela kuyo izolo.
UMnuz Thami Ntuli, iMeya kaMasipala waseNkandla, iphini lakhe, uNksz Nonhlanhla Nzuza, noSomlomo uMnuz Sondelaphi Sibiya, bebevele enkantolo emuva kokubekwa icala lokuhlanganisa abantu ndawonye ngesikhathi behambisela abantu izijumbana zokudla. Izijumbana zazilandwa erenki edolobheni eNkandla ngo-Ephreli ngesikhathi izwe lisesesigabeni sesihlanu.
Ekhuluma neSolezwe emuva kokuvela, uNtuli uthe isinqumo senkantolo asisho nje kuphela ukunqoba kubantu baseNkandla okuyibona abaphazamiseka ngesikhathi behanjiselwa ukudla ngesikhathi esinzima bekudinga kodwa siwukunqoba naseqenjini i-IFP akholwa wukuthi kunabathile abasebenzisa izinhlaka zikahulumeni ukuhudulela phansi isithunzi salo.
“Lesi bekuyisenzo sokulalelwa unyendle ngabaqhuba izinhloso zepolitiki besebenzisa izinhlaka zikahulumeni ngendlela engafanele. Icala elinjani elokuthi unike abantu ukudla bekudinga?” kubuza uNtuli.
Uthe nakuba umsebenzi wokuhlinzekwa komphakathi ngezidingo ungaphazimisekanga ngesikhathi besabhekene necala kodwa ukuhoxiswa kwalo kubanika umdlandla omusha ukuthi bagxile ekusebenzeleni umphakathi okuwumsebenzi abawubekelwa.
Kwasuka ukukhuluma okukhulu nasezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuvela izithombe zamakhulu abantu ababeshaye ujenge belande izijumbana zokudla okwagcina kuvulelwe izikhulu icala.
UNtuli, obuye abe ngusihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uthe yize kade bevulelwe icala bebathathu kodwa bekuhleze kuvela sengathi elakhe likhulu kunelabamangalelwe nabo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kophiko lwezokushushisa ayiphumelelanga ngenxa yokuthi olikhulumelayo esifundazweni, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, ebesalinde imininingwane ephelele ngembangela yokuhoxiswa kwecala.