INKANTOLO yeMantshi eNquthu ilihlehlisele uLwesibili oluzayo icala likathisha osolwa ngokushaya abulale isitshudeni ebesifundela ubuhlengikazi esibhedlela saseNquthu ebisiyintombi yakhe.
Umsolwa (26), ongeke adalulwe igama lakhe kuze kube uyaliphika noma uyalivuma icala athweswe lona, ubhekene necala lokubulala nelokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Uzobuyela enkantolo ngoNovemba 19 eseyofaka isicelo sebheyili.
NgoLwesibili enkantolo kuvele ukuthi umsolwa wazama ukuhlanza indawo yesigameko ngenhloso yokucisha ubufakazi.
Izitshudeni ebezifunda nomufi uNksz Nomvula Mncube (26) esibhedlela iCharles Johnson Hospital eNquthu, beziphume ngobuningi zigcwele inkantolo ziyokweseka umndeni kamufi.
Bezifuna nokuthi umsolwa angadedelwa ezitokisini. Njengamanje kuthiwa zisemkhankasweni wokunxenxa izinhlangano ezilwela amalungelo abesifazane ukuba zibeseke ukuqinisekisa ukuthi umsolwa akayitholi ibheyili.
Kusolwa ukuthi ngoMqgibelo ngo-10 ebusuku, uthisha wangena esibhedlela waya lapho kuhlala khona uNksz Mncube. Kuthiwa wafike wamshaya kanzima, wathi esebona ukuthi uthule akasanyakazi waphuma waya egunjini elingumakhelwane nelikamufi eyofuna usizo.
Umufi wangeniswa esibhedlela elimele kanzima, washona ngeSonto entathakusa.
Kusolwa ukuthi umsolwa wazama ukusula igazi endlini kamufi futhi watshela amaphoyisa ukuthi akamshayanga kodwa umphushile wawa nje kuphela.
Unina kamufi, uNkk Dorah Mncube, uthe balimele bewumndeni ngokushona kwendodakazi yakhe obekulindelwe lukhulu kuyona uma isisebenza.
Umufi ubenza unyaka wesithathu ezifundweni zakhe njengoba uNkk Mncube ethe bese bebeke amathemba abo kuyena uma esephothule ukufunda ngonyaka ozayo.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi umufi watshela ozakwabo afunda nabo ukuthi uma eshona abokwazi
ukuthi uyobe ebulawe yisoka lakhe okuthiwa linesikhwele esixakile.