UVELE enkantolo umlisa (31) osolwa ngokuthumba nokubulala ingane (8) yaseMlingo Village, eMkhuze, isidumbu sayo esatholwa sigqitshiwe.
Umlisa osolwa ngokuthumba abulale intombazanyana uvele eNkantolo yeMantshi oBombo izolo. Icala lakhe lihlehliselwe u-Ephreli 26. Ngalolu suku kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili. Kungenzeka aphinde abekwe amanye amacala phezu kwabhekene nawo.
Isidumbu sentombazane sitholakale ngoLwesine ehlathini, sigqitshiwe, emuva kokuthi kutholakale umsolwa obanjwe ehlukumeza enye ingane (10) ngalo lolu suku.
Ngokusho kwamaphoyisa, amalungu omphakathi ezwa ingane ikhala iqandula ehlathini, abe eseyobheka.
Kuthiwa umsolwa ube esebaleka emuva kokuthi esebone amalungu omphakathi.
Ingane ibe seyitshela umphakathi ngokwenzekile, okuholele ekutheni umsolwa abanjwe anikelwe emaphoyiseni.
Amaphoyisa abuze umsolwa ngengane etholakale ibulewe, okuholele ekutheni awayise lapho okusolakala ukuthi uyibulale khona walahla isidumbu sayo.
Isolezwe ngoMgibelo libike ukuthi umndeni wengane uzwakalise ukushaqeka ngoba umsolwa ubengumuntu abebemkhonzile futhi bemhlonipha njengomuntu wendawo. Bathe bebemsiza nangokudla uma ekhala ngenkemane.