LIHLEHLELE uJulayi 2 icala lendoda (31) ebekwe amacala amabili okudlwengulwa owesifazane nomzukulu wakhe.
Izolo ivele enkantolo yeMantshi yaseThekwini lapho ifike yawavuma khona amacala yangafuna nebheyili.
Icala libe selihlehlela uJulayi 2.
Indoda idlwengule owesifazane (51) nomzukulu wakhe oneminyaka eyisikhombisa ngeSonto, eChesterville extension 2.
Kuthiwa abazange bayixwaye ngesikhathi ingena emzini wowesifazane ngoba bakhonza esontweni lakubo kodwa inkinga yaqala uma isibakhomba ngommese ibadlwengula.
Ibalekile emuva kokugila umhlola kanti yaze yabanjwa emuva kokuthi umphakathi usabalalise isithombe sayo ezinkundleni zokuxhumana.
Itholwe isizifihle kwelinye iflethi elisePhoyinti.
Owesifazane nomzukulu basalele esibhedlela ngoba balimala kanzima emuva kokudlwengulwa.
Kulindeleke ukuthi bathole ukwelulekwa ngokwengqondo nolunye usizo lwezempilo.
Umphakathi waseChesterville ubuphume ngobuningi bawo uzokweseka umndeni.
Ikhansela le ndawo, uMnuz Sfiso Mngadi, lithe bewumphakathi waseChesterville bafuna abolele ejele ummangalelwa ngoba ayikho indawo yomuntu ofana naye kulowa mphakathi.
“Into ayenzile yimbi, isihlukumezile siwumphakathi. Sifuna umthetho umjezise kanzima, angadedelwa akabolele ejele. Sithole ukuthi ubephume ngeparole njengoba esegila lo mhlola,” kusho uMngadi.
Uthe nakusasa bazobe begcwele ngobuningi babo bezokweseka umndeni nokuthi bazwakalise ilaka labo njengomphakathi.