LIHLEHLISELWE inyanga ezayo, yiNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, icala losolwa ngokuthumba umfundi waseHillgrove Secondary esekuphele izinyanga ezimbili alahleka.
UMmeli Ngcobo (17) waseCastle Hill, eNewlands West, owayefunda uGrade 12 eHillgrove Secondary, kwabikwa ukuthi uthunjiwe ngoFebhuwari. Wathunjwa emuva kokusolwa ngokuntshontshela iselula umfundi abafunda naye ekilasini, kanti kuthiwa ngesonto elilandelayo kwafika abazali balo mfundi behamba nephoyisa elithile elaziwayo bamphoqa ukuthi angene emotweni, okwase kuba wukunyamalala kwakhe.
Okhulumela uPhiko lwezikuShushiswa koMphakathi esifundazweni uNkk Natasha Kara, uthe umsolwa ona-20 (esingenalo igama lakhe) ubevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMsombuluko, inkantolo yalihlehlisela uMeyi 19 icala ukuze kuqhubeke uphenyo.
Bese kungokwesithathu lo msolwa evela enkantolo. Unina kaMmeli, uNkk Hlengiwe Ngcobo, wakuveza ukuthi akanelisekile ngokuboshwa kwalo msolwa, waveza ukuthi ukholwa ukuthi bambheca ngobubende ekubeni umuntu owathumba uMmeli ekhona endaweni aziwa.
Waphinde wasola amaphoyisa ngokudembesela ekubopheni umsolwa.